
Isimemezelo esimqooka seKaizer Chiefs ngamathikithi edabhi
IKaizer Chiefs seyikhiphe isimemezelo esibalulekile ngokudayiswa kwamathikithi edabhi yaseSoweto.
Lo mdlalo, lapho iKaizer Chiefs izohlangana khona nezimbangi zayo zakudala i-Orlando Pirates, uhlelelwe uMeyi 3 eFNB Stadium.
Amathikithi alo mdlalo, ongohlezi ubhekwe ngabomvu ekhalendeni lebhola laseNingizimu Afrika, aqale ukudayiswa ngesonto eledlule.
Futhi njengoba sekusele amasonto angaphezu kwamabili kufike usuku lwalo mdlalo, amathikithi asedayiswe aphela, ngokusho kweKaizer Chiefs.
Kodwa amathikithi okuyohlala nezicukuthwane wona asatholakala kodwa nawo kungenzeka aphele ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.
Uthando lwabalandeli baMakhosi lvuselelekile ngempelasonto edlule ngesikhathi ehlula iMamelodi Sundowns.
IChiefs, engene emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup ingabhekiwe, imangaze abaningi ishaya iSundowns ngo 2-1.
Ibe seyidlulela kowamanqamu ozoba ngoMeyi 10 eMoses Mabhida Stadium eThekwini.
Okuthatha amehlo ngalo mdlalo wamanqamu wukuthi izophinde ihlangane nomkhaya bayo i-Orlando Pirates, kusaphele isonto bedlale oweBetway Premiership.
Kube nokukhathazeka ngokuthi amathiki ale dabhi yokuqala angase angadayisi kahle abalandeli sebebheke kakhulu owamanqamu.
Kodwa kwenzeke ngenye indlela njengoba esevele adayisa kuhle kwamagwinya ashisayo ebusika.
Womabili la maqembu adinga ukunqoba emdlalweni weligi – iKaizer Chiefs ikudingela ukuqinisa indawo yayo kwiTop 8.
I-Orlando Pirates yona ifuna ukuqinisekisa ukuthi ayisaleli emuva kakhulu embangweni wesicoco seligi esibanga neSundowns.
Kodwa ngaphambi kokuthi lezi ziqhwaga ezimbili zaseSoweto zihlangane, zinemidlalo ebalulekile okufanele ziyidlale.
IPirates izohlangana nePyramids FC yase-Egypt kowandulela owamanqamu weCaf Champions League ngoMgqibelo ekhaya nango-Ephreli 25 ekuhambeni.
IChiefs yona izohlangana neChippa United eNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo, neMarumo Gallants eFNB Stadium ngo-Ephreli 25 emidlalweni yeligi.
