
IPirates iqinisekisa abalimele, nabazobhekana neChippa
I-Orlando Pirates isiqinisekisile ukuthi uSihle Nduli uzohlala isikhathi eside engekho ngenxa yokulimala.
UNduli uthole ukulimala eqakaleni ngesikhathi iPirates ibhekene naMaZulu FC phakathi nesonto eKings Park Stadium.
Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala uphoqeleke ukuthi aphume enkundleni ngemuva kokugxothswa kanzima nguThandolwenkosi Ngwenya.
Ukuhlolwa okwenziwe ithimba lezempilo lePirates kuveze ukuthi ulimale kanzima.
Kulindeleke ukuthi uNduli ahlale ngaphandle cishe izinyanga ezine.
Lokhu kusho ukuthi uzophuthelwa yimidlalo esele yalo nyaka.
Ukungabikho kwakhe kuyinkinga enkulu kwiPirates njengoba esanda kubuya ekulimaleni okwamgcina isikhathi eside engekho.
Ngenxa yokungabikho kukaNduli, uThapelo Mokobodi omusha kuleli qembu nguye oqale umdlalo neChippa United.
I-Orlando Pirates iphinde yalahlekelwa ngu-Andre de Jong kulo mdlalo, naye olimele.
UDe Jong ukhishwe eqenjini ngenxa yokulimala emsipheni wethanga.
Khonamanjalo, uTshepang Moremi nye kangenanga eqenjini kulandea ukuthinteka kuwo lo mdlalo noSuthu.
FUNDA NALA | UModise uxwayisa uBasadien ngeDowns
U-Oswin Appollis uqale esikhundleni sakhe, kanti uYanela Mbuthuma uphinde wahola phambili.
Ibophele kanje iChippa United: Nwabali, Mohlometsi, Jones, Mobara, Makabibodu, Kmmies, Figareido, Mosele, Tshobeni, Mfecane, Mllotshwa.
Ebhentshini: Msibi, Sam, Bonani, Dlamini, Mbhele, Makara, Seabi, Tshabalala, Diakate.
Ibophele kanje i-Orlando Pirates: Chaine, Sibisi, Seema, Sebelebele, Hotto, Dansin, Mokobodi, Maswanganyi, Lungu, Appollis, Mbuthuma.
Ebhentshini: Dladla, Zulu, Rapoo, Mariko, Mthiyane, Msendami, Kgositsile, Masilela, Radiopane.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
