
I-Safa iveze isikhathi sokuqala kweVAR eNingizimu Afrika
I-South African Football Association (Safa) isichaze kabanzi ngezinhlelo zokuqalisa ubuchwepheshe beVideo Assistant Referee (VAR) ebholeni laseNingizimu Afrika.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uGayton McKenzie, ezwakalise ukungenami ngoNcwaba ngokubambezeleka kwalolu hlelo.
UMcKenzie waze wasabisa ngokuhoxisa imali engu-R30 million abe eseyinikezele kule nhlangano ngenxa yokungagculiseki ngenqubekela phambili.
Nokho, iSafa ngoLwesithathu iveze ukuthi isihambise umbiko kuMcKenzie nethimba lakhe, ichaza izizathu zokubambezeleka.
Lo mbiko wamukelwe nguNgqongqoshe kanti umsebenzi usuyaqhubeka.
Isikhulu esiphezulu se-Safa, uLydia Monyepao, sixwayise ngokuthi luselude uhambo ngaphambi kokuthi i-VAR isetshenziswe ngokugcwele ebholeni lakuleli.
Sithe ukuqeqeshwa nokuqinisekiswa konompempe kulindeleke ukuthi kuthathe izinyanga ezine kuya kweziyisithupha.
Lokhu kuzobandakanya izifundo zolwazi, ukuqeqeshwa ngemishini yokulingisa nokuqeqeshwa okwenziwa enkundleni.
UMonyepao uveze ukuthi iSafa isivele inonompempe abayisishiyagalombili abaqeqeshwe ngeVAR ngahansi kweCosafa.
Bathathu abagunyazwe ngokugcwele ukusebenza njengonompempe abakhulu beVAR nabasizi beVAR ngu-Abongile Tom, uLuxolo Badi no-Akhona Makalima.
Uphinde wathi iSafa ihlele umhlangano neFIFA ngoLwesine, mhla ka-15 kuMfumfu 2026, ukuze ithole imvume yokuqala ukuqeqesha abanye onompempe.
UMonyepao uveze ukuthi isinyathelo esilandelayo akukhona ukuqala ukusebenzisa iVAR kuyo yonke imidlalo, kodwa ukuvivinya lolu hlelo emiqhudelwaneni ekhethiwe.
Phakathi kwemincintiswano engasetshenziswa kukhona iHollywoodbets Super League, imidlalo yokuhlunga ye-ABC Motsepe League neminye imiqhudelwano yezinkomishi efanele.
I-Nedbank Cup nayo ingaba phakathi kwale miqhudelwano ngo-2027, uma kutholakala imvume efanele kwiPremier Soccer League (PSL).
“Inhloso yethu elandelayo akukhona ukuqala ngokushesha ukusebenzisa iVAR kuyo yonke imidlalo, kodwa wukuyivivinya ngendlela efanele,” kusho uMonyepao.
Uthe lezi zivivinyo zizosiza iSafa ukuthi ihlole ukusebenza kwalobu buchwepheshe ngaphambi kokuthi busetshenziswe kabanzi.
- FUNDA NALA | OweChiefs ucacisa eka-Abrahams
Ngokusho kukaMonyepao, iSafa kusamele isebenze neFIFA neCosafa, iqinise ithimba eliphethe umsebenzi we-VAR futhi ixhumane nePSL nabasakazi abafana neSuperSport, iCanal+ neSABC.
Kusamele futhi kuqinisekiswe ukuthi izinto zobuchwepheshe ezizothengwa ziyahambisana nezidingo zeVAR.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
