EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou uphawula ‘ngeyokushiphelana’ noNcikazi kwiBucs

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, usephumele obala ngemibiko ethi sebeyinkukhu nempaka nephini lakhe, u-Mandla Ncikazi. 

Lo mqeqeshi uphinde wazwakalisa ukungenami ngendlela abezindaba ababika ngayo ngezinto ‘ezingekho’ abathi zenzeka kuleli qembu.

Ngasekuqaleni kwaleli sonto kuvele imibiko ethi uNcikazi useyashiya kwiPirates.

Kwathiwa lokhu kulandela ugwayi katiki oshaywe u-Ouaddou kubaphathi ethi abakhethe phakathi kwakhe naleli phini lakhe.

Ebuzwa ngalolu daba ngesikhathi sosuku lwabezindaba eRand Stadium ngoLwesine, u-Ouaddou ukuphikile lokho.

U-Abdeslam Ouaddou ukhombe isitatimende esikhishwe yiPirates, esasichaza ukuthi u-Mandla Ncikazi unikwe ikhefu kulandela ukuhlinzwa edolweni.

IPirates ibike ukuthi uNcikazi wanikwa imvume yokuba abuyele ekhaya KwaZulu-Natal ukuze alulamele khona.

“Ikilabhu ikhiphe isitatimende ngalokho. Uhlinziwe, manje uyelulama. 

“Ngimfisela okuhle kodwa, yilokho kuphela engingakusho,” kusho u-Ouaddou.

Lo mqeqeshi waseMorocco uphinde waveza ukudinwa kwakhe ngemibiko eyahlukene esisabalale kwabezindaba, egcizelela ukuthi akukho nkinga ekhempini yePirates.

“Sifunda izinto eziningi ngalolu daba, kodwa konke kuhamba kahle eqenjini. Isimo ekhempini sihle,” kwengeza yena.

“Ngakho-ke abantu akufanele baqale ukuqamba izinkinga ezingekho. 

“Wahlinzwa, futhi ngimfisela okuhle kodwa uNcikazi. Akufanele kwakhiwe izinkinga ngalokho. Ngifunde izinto eziningi ezibhalwayo.”

U-Abdeslam Ouaddou uphinde wasebenzisa isenzo esisanda kubonakala phakathi kwakhe no-Mandla Ncikazi njengobufakazi bokuthi ubudlelwano babo buhle.

“Ungamqabula kanjani omunye esiphongweni ube ungazwani naye, akumele uvele uqambe izindaba,” kusho yena.