AmaZuluCarling Knockout CupEzintsha

UZwane ugade ikhasi libabhanana kwiKruger koweCarling KO

AmaZulu FC asefomini enhle kwiBetway Premiership, kodwa u-Arthur Zwane useveze ukuthi yini edingekayo ukuze iqembu lakhe lenze kahle kwiCarling Knockout.

Usuthu uzobhekana neKruger United emdlalweni womzuliswano wokuqala ozoba seMbombela Stadium ngoMgqibelo.

Njengoba abhuliswa amazolo ngesizini edlule, abheke ukwenza kangcono kulokhu kanti lokho engakwenza ngokuqhubeka nomgqigqo wawo omuhle.

AmaZulu anqobe imidlalo yawo emine yokugcina yeligi ebhekene neRichards Bay, Marumo Gallants, Polokwane City neDurban City. 

Lokhu kuwanyusele endaweni yesithathu ngamaphuzu angu-19 emidlalweni eyisishiyagalombili.

Nokho, isekhona inkumbulo ebuhlungu yesizini edlule, lapho Usuthu lwakhishwa khona kule ndebe yiMagesi ngo 3-2 emzuliswaneni wokuqala.

IKruger United isendaweni ka-12 kwiligi, kodwa uZwane akafuni ukuthi abadlali bakhe bayithathe kancane.

U-Arthur Zwane uthi leli qembu belinebhadi lokungawatholi amaphuzu kweminye imidlalo, okusho ukuthi AmaZulu kuzofanele asebenze kanzima.

“Bebelokhu benebhadi lokungawatholi amaphuzu amaningi kweminye imidlalo. 

“Kuzofanele sibe sezingeni eliphezulu uma sesibhekene nabo, njengoba sihlala senza,” kusho uZwane.

Umlayezo ucacile: yize Usuthu lusemgqigqweni omuhle, iphutha elilodwa emdlalweni womkhumulajezi lungawuqeda lowo mgqigqo.