EzintshaMamelodi Sundowns

UMngqithi uveza okuhehe iSundowns ku-Iqraam Rayners

  • Sibongiseni GUMBI

ISundowns ishiye amanye amaqembu amaningi abefisa ukusayinisa uRainers weStellenbosch FC encela izithupha. 

Lo mgadli weBafana Bafana ubefunwa kakhulu ngamaqembu afana ne-Esperance Sportive de Tunis yaseTunisia ne-USM Alger yase-Algeria. 

Nokho, iSundowns ivele yashesha, yasebenzisa isigatshana esikwinkontileka yakhe neStellies esivumela iqembu elimfunayo ukuthi limthenge. 

UMngqithi uqinisekise lokhu kulandela ukuthi iSundowns inqobe ngo 1-0 ihlula iPolokwane City emdlawleni weMTN8 ngeSonto. 

Ekhuluma nabezindaba, uzwakalise ukugculiseka kwakhe ngalo mgadli, egqamisa amagalelo kaRayners, ikakhulukazi abawabheke kwiCaf Champions League.

“Sijabule kakhulu ngokuba no-Iqraam,” kusho uMngqithi. “Nakanjani uzokwengeza okuthile okukhethekile eqenjini. 

“Yize ezoba wusizo kwiPSL, ngikholwa wukuthi amagalelo akhe kwiChampions League azoba makhulu kakhulu.”