EzintshaMamelodi Sundowns

Kwenzakalani ngoMokoena? UCardoso uyacacisa

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, u-Miguel Cardoso, usenikeze abalandeli izindaba ezithembisayo ngesimo sika-Teboho Mokoena olimele.

Lo mqeqeshi uthi akakulindele ukuthi uMrembula ahlale isikhathi eside kakhulu engadlali.

Lo mdlali wasesiswini akabonakalanga ngesikhathi kuziqeqesha iqembu elikhulu ngoLwesithathu ekuseni.

Lokhu kuqubule imibuzo ngokuthi uzokwazi yini ukudlala emdlalweni olandelayo.

ISundowns izobhekana neWiliete yase-Angola emlenzeni wesibili womzuliswano wesibili wokuhlungela iCaf Champions League eLoftus Stadium ngoLwesihlanu ebusuku.

U-Miguel Cardoso uveze ukuthi ukulimala kuka-Teboho Mokoena akukusha, njengoba kuyinkinga efanayo nayithola ngesikhathi ekwiBafana Bafana ngenyanga edlule.

“Ukulimala kukaTeboho akukusha, kuyafana nokwangaphambilin,” kusho uCardoso. 

“Waba nenkinga ngesikhathi esemsebenzini weqembu lesizwe. Wathintwa omunye umdlali emlenzeni.”

Uchaze ukuthi uMokoena uthinteke umsipha ongezansi kwedolo, kodwa ujabule ngokuthi akuyona inkinga enkulu.

“Kuhle ukuthi akukubi kakhulu. Sizoyixazulula le nkinga ngokushesha,” kwengeza lo mqeqeshi.

Uma u-Teboho Mokoena engakwazi ukudlala, u-Miguel Cardoso uthi unabadlali abanele abangavala isikhala sakhe. 

Kubo kubalwa uThabo Cele, uMarcelo Allende, uSphelele Mkhulise, uGomolemo Kekana, uTsiki Ntsabeleng noLazola Maku osanda kufika.

Uthe iqembu linabadlali abasezingeni eliphezulu futhi liyakwazi ukwenza kahle ngisho noma abanye bengatholakali.