
Okubhekwe uDa Cruz kwiChiefs ibuyela enkundleni
Umqeqeshi we-Kaizer Chiefs, uFernando Da Cruz, ufuna baqede ishobolo lokunganqobi futhi banciphise igebe eliphakathi kwabo namaqembu amathathu aphezulu kwiBetway Premiership.
Amakhosi azobhekana neStellenbosch FC eFNB Stadium ngoLwesibili efuna ukunqoba ngemuva kwemidlalo emibili ilandelana engawini.
IChiefs isinqobe umdlalo owodwa kuphela kwemihlanu edlule, kanti ngaphambi kwekhefu leFIFA ibambane nePolokwane City neGolden Arrows.
Njengamanje iChiefs isendaweni yesine ngamaphuzu angu-13 emidlalweni eyisikhombisa, ilandela ngemuva kweMamelodi Sundowns, i-Orlando Pirates naMaZulu FC.
UFernando Da Cruz ukholwa ukuthi inkinga enkulu ye-Kaizer Chiefs ilele ekungasebenziseni kahle amathuba ewakhayo emidlalweni.
“Ngemuva komdlalo wesikhombisa, ngijabule ngezinga lebhola esilidlalayo,” kusho lo mqeqeshi waseFrance.
“Sidlale ibhola elihle kakhulu. Kodwa sintula ukusebenza kahle ngaphakathi kwebhokisi ukuze sishaye amagoli amaningi.
“Amaphuzu esiwalahlile kungenxa yokungasebenzi kahle ngaphakathi ebhokisini.
“Asiwashayi amagoli amaningi, ngakho sizosebenza kulokho. Kodwa sidlala ibhola elihle futhi kufanele siqhubeke kanjalo.”
IChiefs nokho ibhekene nomsebenzi onzima njengoba iStellenbosch ingakahlulwa emidlalweni emithathu ibhekene nayo.
- FUNDA NALA | UHunt uveza okumqwashisa ngeChiefs
Nokho, uFernando Da Cruz uthi umlando awubalulekile njengoba la maqembu esezobhekana futhi.
I-Kaizer izobe ingenabo abadlali ababalulekile ngenxa yokulimala, okubalwa kubo uLebohang Maboe, uBrandon Petersen, uSiphesihle Ndlovu no-Adolf Mutasingwa.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
