
Sekuqinisekisiwe, uDeano Van Rooyen useyiBhakabhaka
- Intatheli yeLISENETHINI
I-Orlando Pirates isimemezele ukuthi seyisayine umdlali wasemuva kwesokudla uDeano van Rooyen obekwiStellenbosch FC.
Lo mdlali oneminyaka engu-27 usayine inkontileka yeminyaka emithathu kwiPirates, ehambisana nombandela wokwelula ngeminye iminyaka emibili.
UVan Rooyen ojoyine iStellenbosch FC esemncane, udlale okokuqala ngo-2016, eseneminyaka engu-19.
Waba nesandla ngesikhathi iStellies ikhuphukela kwiPremiership eminyakeni emithathu ukusuka lapho.
Ukhulile eqenjini, wagcina engumdlali ovelele njengoba egcine esengukaputeni.
U-Die Hond, okuyigama aziwa ngalo ebholeni uVan Rooyen, uyimele ngamalengiso iStellies, edlala imidlalo engaphezu kuka-150 kuyo yonke imiqhudelwano.
OLUNYE UDABA:Â OwePolokwane ucacisa eyocingo aluthole umdlalo uqhubeka
Olunye ulwazi ngoDeano Van Rooyen
- Isiteketiso: Die Hond
- Inombolo ayothandayo: 7
- Umdlali amthandayo: Cristiano Ronaldo
- Iqembu alithandayo: Manchester United
- Ukudlala okokuqala esigabeni esikhokhelayo: 2016 vs Mthatha Bucks (kwiNational First Division).
