EzintshaOrlando Pirates

Inkakha isola iPirates ngekwenza kuPedersen 

USifiso Myeni akagculisekile ngendlela i-Orlando Pirates ephathe ngayo umgadli omusha u-Sebastian Pedersen.

Uthi le kilabhu ayibenzi ubulungiswa ngaye, futhi unxusa umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou ukuba ashintshe indlela asebenza ngayo.

Lo mgadli waseNorway ujoyine iBucs ekuqaleni kwesizini esuka kwiSogndal yangakubo.

Usayine inkontileka yeminyaka emibili enenketho yokuyelula ngomunye unyaka. 

Nokho, lo mdlali oneminyaka engu-27 akavamile ukufakwa eqenjini le midlalo, nosekuphakamise imibuzo ngendima yakhe ngaphansi kuka-Ouaddou.

Ekhuluma kwi-Omni Audio Africa kuleli sonto, uMyeni uthe u-Sebastian Pedersen naye ufanelwe ukuthola ithuba elifanayo njengabanye abagadli be-Orlando Pirates.

“IPirates ayimphathi ngobulungiswa uPedersen,” kusho uMyeni. 

“Mnikeni ithuba, bafana. Mphatheni ngendlela efanele, nenze njengoba nenza kwabanye abagadli. 

“U-Evidence Makgopa, uBoitumelo Radiopane, uYanela Mbuthuma… noPedersen ufanelwe yithuba elifanayo nelitholwa yiwo wonke umuntu.

“Thina njengabalandeli bePirates sifuna ukumbona ethola amathuba amaningi ukuze sikwazi ukumehlulela, ngoba njengamanje abantu abaningi bayamgxeka kodwa asikamboni ngokwanele.”

UMyeni uphinde waveza umehluko okhona phakathi kwesikhathi sokudlala sikaPedersen nesabanye abagadli abanga nabo indawo.

“Abanye sebedlale imidlalo emihlanu, eyisithupha, eyisikhombisa noma eyisishiyagalombili. 

“Bonke bathole imidlalo eminingi, kodwa imidlalo kaPedersen imbalwa kakhulu. 

“Ngakho-ke, Pirates, singambona yini uPedersen ethola amathuba engeziwe?” kubuza yena.

“Siyazi ukuthi nifuna ukunqoba, kodwa thina njengabalandeli singathanda ukumbona uPedersen. 

“Asikwazi ukusayinisa umdlali bese singamniki ngisho nethuba lokuzibonakalisa. Asimbone edlala.”

“Wonke umuntu ulitholile ithuba. Ngakho-ke, Orlando Pirates, siyancenga, nami ngiyanicela ngokwami ukuthi ngifuna ukumbona edlala.”

Kuze kube manje, u-Sebastian Pedersen usadlale esuka ebhentshini kuphela, kanti emidlalweni embalwa edlule akazange afakwe nhlobo eqenjini.