
UDa Cruz ufanisa isimo seChiefs nese-Arsenal nePSG
Umqeqeshi we-Kaizer Chiefs, uFernando Da Cruz, usekhulume ngokushuba kwengcindezi abhekene nayo eNaturena.
Ucele ukuthi angagwetshwa ngokushesha njengoba esazama ukwakha kabusha iqembu kulezi zinkunzi zaseSoweto.
UDa Cruz ubhekene nengcindezi ekhulayo njengoba kunemibiko yokungagculiseki ngendlela akhetha ngayo abadlali.
Imithombo ithi sekunokungaboni ngaso linye phakathi kwabaphathi baMakhosi nethimba eliqeqeshayo.
Yize iChiefs ingakahlulwa kwiBetway Premiership, imiphumela yayo kuyo yonke imiqhudelwano ayimihle.
Emidlalweni eyisishiyagalombili edlule, isanqobe emibili kuphela, yadlala ngokulingana kwemihlanu, yahlulwa kowodwa.
Ekhuluma nabezindaba eThekwini, uFernando Da Cruz uthe wayazi kusukela eqashwa ukuthi ukuqeqesha i-Kaizer Chiefs kuza nengcindezi enkulu.
“Selokhu ngajoyina iKaizer Chiefs, ngangazi ukuthi ingcindezi izoba nkulu kakhulu,” kusho uDa Cruz.
“Ngizifakela ingcindezi kwamina nsuku zonke. Sizama ukuthuthuka kancane kancane.
“Asiyitholi imiphumela ngesikhathi esisilindele, nesilindelwe ngabalandeli.
“Kodwa ngigxile emsebenzini wami. Thina sigxile ekuthuthukiseni izinga leqembu nasekutholeni imiphumela esiyifunayo.
“Okubaluleke kakhulu kimina ukuthi abalandeli bajabule. Thina senza umsebenzi wethu kuphela.”
Ephawula ngokwehla kwezinga leChiefs kule minyaka edlule, lo mqeqeshi waseFrance uthe ukwakha kabusha iqembu elikhulu kudinga isikhathi nokubekezela.
Ube esebeka i-Arsenal neParis Saint-Germain njengezibonelo zamaqembu angazange aphumelele ngokushesha.
“Wonke umuntu ukhululekile ukucabanga akufunayo,” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Okubaluleke kakhulu ukuqhubeka nokuthuthukisa iqembu lethu, ngoba yilokho kuphela esigxile kukho.
“Ngokwesibonelo, i-Arsenal. U-Arteta kwamthatha iminyaka eyisikhombisa ukuthi anqobe indebe eyodwa,” kusho uDa Cruz.
“IParis Saint-Germain yona yathatha iminyaka engu-13 ngaphambi kokunqoba iChampions League.
“Uma sifuna ukwakha iqembu, lokho kuthatha isikhathi. Akuyona into eyenzeka ngosuku olulodwa.”
Nokho, uFernando Da Cruz angase abhekane nengcindezi enkulu nakakhulu uma i-Kaizer Chiefs ihluleka ukufinyelela esigabeni samaqoqo kwiCaf Confederation Cup.
Amakhosi abhekene nomsebenzi onzima njengoba elandela ngemuva ngo-1-0 kwiRed Arrows yaseZambia ngaphambi komlenze wesibili womzuliswano wesibili wokuhlungela lo mqhudelwano.
- FUNDA NALA | OweChiefs uveza ezingezinhle ngesimo seqembu
Lo mdlalo uzodlalelwa eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoLwesihlanu ebusuku.
Ukwehluleka ukuguqula lesi simo kungandisa imibuzo ngekusasa likaDa Cruz eNaturena, njengoba abalandeli belangazelela ukubona imiphumela engcono.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
