EzintshaKaizer Chiefs

Umdlali weChiefs uveza ezingezinhle ngesimo seqembu 

Kubukeka besazoqhubeka nokuthwala uthayela kunomoya abalandeli be-Kaizer Chiefs njengoba kuvela ukuthi isimo sibi eqenjini. 

Amakhosi ayehluleka ukuthola imiphumela emihle kule sizini, kanti lokhu sekufake ingcindezi kumqeqeshi uFernando Da Cruz. 

Manje iLisenethini seyithole ngomunye osondelene nomunye wabadlali baleli qembu ukuthi izinto azizinhle kahle.

Lo mthombo, ocele ukuba singawudaluli, uthe lo mdlali uwutshele ukuthi isimo siyesinda, ngisho abadlali sebeyezwela.

“Ungitshele nje akangagwegwesa ukuthi laphaya kudingeka ukucabanga okusha,” kusho lo mthombo.

“Uthe ukuba kuya ngaye, ngabe kuyakhucululwa nje kakhulu ukuze kufike abantu abazona nemibono emisha.

“Uthe akaboni kunokuhlukile okuzokwenzeka kule sizini kodwa wenqaba ukukhomba ukuthi lokhu ukusho ngenxa yomqeqeshi.

“Kwale ngisho sengimxina ukuthi aveze ukuthi inkinga ikubaqeqeshi noma kubaphathi, wathi nje kubheka konke.” 

Lo mthombo uveza lokhu nje uJunior Khanye usanda kuveza umbono wokuthi inkinga ikumphathi weqembu uKaizer Motaung Junior.

UKhanye uthe uMotaung Junior akakwazi ukuphatha abantu futhi selokhi iqembu lanikwa yena izinto azihambi kahle. 

Uze waveza nokuthi uCavin Johnson oke waqeqesha i-Kaizer Chiefs wamtshela emehlweni ukuthi isimo sibi, ubetshela ukuthi asebenzise baphi abadlali.