EzintshaKaizer Chiefs

Uthole ‘isibusiso’ seChiefs umqeqeshi oshiyayo

IKaizer Chiefs isikuqinisekisile ukushiya kwephini lomqeqeshi uFernando Da Cruz, ohlale izinyanga ezimbili nje vo kuleli qembu. 

UDa Cruz usezongena esikhundleni seMoroccan Football Federation kanti usekhethe ukushiya Amakhosi.

Ubefike nomqeqeshi omusha weChiefs uNasreddine Nabi njengomunye wamaphini akhe. 

UDa Cruz ufike kuqala kunoNabi ukuze aqale amalungiselelo esizini neqembu futhi ukuhamba kwakhe kungazelelwe kuyamangaza. 

“IKaizer Chiefs ifisa ukumemezela ukuthi ikilabhu isamukele isicelo sokuthi iphini lomqeqeshi uFernando Da Cruz lithathe isikhundla kwiMoroccan Football Federation,” kubhala iChiefs esitatimendeni.

UDa Cruz ubonge iChiefs ithuba lokusebenzisana nayo noma ngabe kuyisikhashana nje.

“Ngithanda ukubonga usihlalo weKaizer Chiefs,” ucashunwe esho kanje uDa Cruz esitatimendeni.

“Nabo bonke abalandeli ngokungamukela nothando abanginikeza lona kusukela ngosuku lokuqala ngifika eNingizimu Afrika.

“Ngibonga abadlali, abasebenzi nawo wonke umuntu obambe iqhaza ngokwenza isiqiniseko sokuthi konke kungihambela kahle. 

“Ngifisela le kilabhu enhle konke okuhle.”

IChiefs yengeze ngokuthi imnike isibusiso umqeqeshi ukuthi ahambe ayothatha leli thuba elisha.

“NjengeKaizer Chiefs sithanda ukubonga umqeqeshi uFernando ngamagalelo akhe eqenjini nokuzinikela akukhombisile ngesikhathi enathi. 

“Iqembu liyaseseka ngokugcwele isinqumo sakhe futhi limfisela konke okuhle ngekusasa.

“Ezinye izimemezelo zizolandela ngokuhamba kwesikhathi.” 

Njengoba sekusele isonto idlale umdlalo wayo wokuqala weBetway Premiership, iChiefs kuzomele ithole iphini lomqeqeshi omusha ngokushesha.