Ezintsha

UBilliat uncoma uNees ngokuvusa uthande lweWarriors

UKhama Billiat usebonge umqeqetshi omusha weZimbabwe, uMichael Nees ngokuvuselela uthando lwakhe kumaWarriors futhi.

UNees uqokwe njengomqeqeshi wamaWarriors ezinyangeni ezimbalwa ezedlule futhi usekwazile ukubuyisela uBilliat eqenjini.

Manje usekhuluma nesinye isihlabani esake sadlala kwiKaizer Chiefs uKnowledge Musona ukuthi naso sihoxise ukushiya eqenjini lesizwe. 

“Lokhu kubizwa kusho lukhulu kimina, ukumela izwe lethu yinto enkulu,” kusho uBilliat ngokombiko weSoccer24.

“Lokhu kubaluleke kakhulu kimina, futhi ngithemba ukuthi sizokwenza kahle kakhulu ngaphansi komqeqeshi wethu omusha. 

“Sibheke phambili, uyindoda ethembekile,” kuqhuba uBilliat onesizini enhle kwiYadah FC.

Ubuyele ngakubo eZimbabwe wafika wajoyina leli qembu ngemuva kokushiya kwiChiefs ngesizini edlule.

“Amalungiselelo abe mahle kuze kube manje, futhi sizizwa sinokuzethemba.”

IZimbabwe izogadulisana neKenya neCameroon emidlalweni yokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations (Afcon).

Lo mdlali oneminyaka engu-34 uncome uNees wagcizelela ukuthi uyezwana naye futhi neqembu liyamuzwa.

“Uyindoda esezingeni eliphezulu, ngike ngachitha isikhathi naye, futhi siyezwana kakhulu,” kwengeza uBilliat

“Abafana nabo bazizwa benokuzethemba futhi bekhuthazekile. Ngicabanga ukuthi kuzoba uhambo oluhle kakhulu. “

IZimbabwe izobhekana neKenya kusasa ngoMgqibelo ntambama eNelson Mandela Stadium, eKampala.