
Sundowns v MC Alger: Kuphela izinkulumo – okwesikhashana
Izinkulumo ezandulele umdlalo weMamelodi Sundowns weCaf Champions League neMC Alger zizoke zime – okungenani imizuzu engu-90.
Ngo-3 ntambama, iSundowns izongena enkundleni eLoftus Stadium iyodlala kulo mdlalo okungenzeka ukuthi ubaluleke kakhulu kule minyaka eyishumi edlule.
Uma iqoba iyadlula. Uma idlala ngokulingana noma ihlulwa, labo mpetha base-Afrika bango-2016 bazophuma kwiCaf Champions League.
Endleleni yabo kukhona umqeqeshi oyazi kahle: uRulani Mokwena, obuyela ePitoli neqembu lakhe elisha iMC Alger.
Inhloso yakhe? Isobala. Ukuqeda ngeqembu alenza laba wumshini odla kwasani ephambi kwalo phambilini.
INGCINDEZI
Umakadebona wasemuva uGrant Kekana ucele ukuthi “kunyuswe ukuzinikela ngamaphesenti angu-20”, wavuma ukuthi “umshini” ukhombise ukungabi bukhali emasontweni edlule.
“Imiphumela ibingakafiki ngendlela esifisa ngayo, futhi akungoba mhlawumbe singazami ngokwanele.
“Kumayelana nokwenza okungaphezu kwalokho ebesikwenza. Kufanele sibe bukhali phambi kwepali futhi sivimbe kahle uma sesihamba phambili,” kusho uKekana.
IZIBALO AZIZINHLE
- Imidlalo inganqobi: ISundowns ayikawini emidlalweni yayo yokugcina emine yeChampions League.
- Ubuthaka emuva: Ingenelwe amagoli ayisithupha emidlalweni yeqembu emihlanu, okuhluke kakhulu ekuqineni kwabo okujwayelekile ezwenikazi.
- Isomiso samagoli: AmaBrazilians athwale kanzima ukushaya inethi, futhi athembele kakhulu ebukhalini bomdlali ngamunye kunokwakheka kweqembu.
ITHUNZI ELIBI
Kube nesehlo esibi nesingaphazamisa umgqigqo weqembu esenzeke ngaphambi kwalo mdlalo ngesikhathi kumiswa umhlaziyi uMario Masha.
Usolwa ngokuputshuza imininingwane yamaqhinga ebucayi, wayinika ikhempu kaMokwena.
Yize uMokwena eziphika ngokuqinile lezi zinsolo, “impi yomqondo” ishubile ngaphambi kwalo mdlalo.
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, ungena kulo mdlalo engaphansi kwengcindezi enkulu.
Amahlebezi athi ikusasa lakhe lincike ngokuphelele emphumeleni walo mdlalo – uma ehlulwa, engase akhonjwe afika ngayo.
Okwenzekile nezindaba ezimqoka zeqembu ngaphambi kwalo mdlalo:
- Ukumiswa: ISundowns izoba ngaphandle kwesihlabani sayo uNuno Santos, omisiwe ngenxa yamakhadi aphuzi.
- Inkinga epalini: URonwen Williams ubuyela endaweni yakhe ngemuva kokuthi uDenis Onyango ebambe isikhundla ngesikhathi elimele.
Ibophele kanje iSundowns (4-3-1-2):
- Abaqalayo: Williams — Mudau, Kekana, Ndamane, Modiba — Morena, Mokoena, Adams — Mathews — Sales, Leon.
- Ebhentshini: Onyango, Reisinho, Allende, Mothiba, Lethlaku, Shalulile, Lunga, Zwane, Johhanes.
Lena yintambama ezocacisa ifa leMamelodi Sundowns kwiChampions League futhi umphumela ungaba nemithelela nangale komdlalo.
FUNDA NALA | UVilakazi uveza imbiza avuse ngayo uKwayiba kwiChippa
Uma yehluleka ukunqoba kuzobe kungokokuqala eminyakeni ecela kweyishumi ukuthi amaBrazilians ahluleke ukudlulela esigabeni somkhumulajezi.
KuRulani Mokwena, leli yithuba lokufakazela ukuthi “ifilosofi” yakhe ingcono kakhulu nokuthi ukukhululwa kwakhe kwaba yiphutha.
