
Uyise kaRele Mofokeng uveza akufisa ngendodana yakhe
USechaba Mofokeng, onguyise wesihlabani se-Orlando Pirates, uRelebohile Mofokeng, usedalule afisa ukukubona kwenzeka ngomsebenzi wendodana yakhe.
Ukhollwa ukuthi indodana yakhe enekhono eliphezulu inakho konke okudingekayo ukudlalela amakilabhu amakhulu e-Europe.
Emaqenjini athe le ndodana yakhe ingafike ingene khaxa ubale nezinkuzni zaseSpain iBarcelona neReal Madrid.
URele Mofokeng, oneminyaka engu-20 ubudala, ukhule ngendlela emangalisayo kusukela akhushulelwa eqenjini elikhulu le-Orlando Pirates.
Kumasizini amabili nje kuphela, usize amaBhakabhaka ukuthi athole izindebe ezimbalwa zakuleli.
Usedlale imidlalo eyisithupha kwiBafana Bafana, washaya negoli elilodwa kuleli qembu lesizwe.
Ukudlala kahle kwakhe sekuhehe amehlo amaqembu angaphandle kwakulelinjengoba kunentshisekelo okuthiwa ivela emaqenjini aphezulu ase-Europe.
IBarcelona kubikwa ukuthi iphakathi kwamaqembu aqaphe ukukhula kwalesi sihlabani esisesincane ngentshisekelo enkulu.
Engxoxweni abe nayo ne-iDiski Times muva nje, uSechaba uvule isifuba ngentshisekelo ekhulayo endodaneni yakhe.
“Wonke umuntu uyafona,” kusho uMofokeng omdala. “Ngezinye izikhathi angikwazi ngisho ukudla kahle.
“Ifoni ihlezi ikhala. Kodwa asijahile. Siyakhuleka. Yonke into imayelana nesikhathi esifanele, nokulilingela ithuba elivelayo.”
Naphezu kwenjabulo anayo ngokukhula kwendodana yakhe ebholeni, USechaba ugcizelele ukubaluleka kokuthatha isinqumo esifanele.
Uthe kumele baqoke isikhathi esifanele neqembu elizokwazi ukumeseka ngendlal efanele ukuze anyukele ezingeni elilandelayo.
“Kungani engakwazi ukuhamba? Wenze konke obekulindeleke kuye manje lapha. Manje usedinga enye inselelo empilweni yakhe…
“Mhlawumbe udinga ukuba kwiligi entsha, abe nabantu abasha, athole nengcindezi entsha,” kwengeza uSechaba owayengumdlali ezingeni elikhokhelayo ngokwakhe.
“Angadlala noma yikuphi – ngisho kwiBarcelona noma iReal Madrid. Akathukile. Udinga nje ithuba.”
URelebohile Mofokeng usevele uke wanconywa nayimenenja yakhe uMike Makaab, okholwa ukuthi lo mdlali usekulungele ukuya e-Europe.
IPirates izothatha uhambo olubheke eSpain la iyolungislela khona isizini iphinde idlale imdlalo yokuzizwa amandla maduze.
Mhlawumbe leli kuzoba ngelinye ithuba likaMofokeng lokukhombisa izinhloli zase-Europe lokho akwazi ukukwenza.
