
Singaligoba irekhodi leDowns, kusho uPule Mmodi weChiefs
UPule Mmodi ukholelwa ekutheni iKaizer Chiefs ‘ingaligoba’ irekhodi leMamelodi Sundowns lokungahlulwa kwiDStv Premiership uma la maqembu esetholana phezulu eFNB Stadium ngoLwesine ebusuku.
ISundowns kaRulani Mokwena izoqinisekisa ukuthi idla isicoco sesikhombisa seDStv Premiership kulandelana kusasele imidlalo eyisithupha uma ingahlula Amakhosi.
Izoba nasethubeni elihle lokuthi iqophe irekhodi lokuqeda isizini ingazange ishaywe nakanye.
Kuze kube manje, lezi zinkunzi zaseTshwane azikahlulwa emidlalweni engu-23 yeligi – zinqobe engu-18, zadlala ngokulingana kwemihlanu.
Umgadli weChiefs, uPule Mmodi, ukholwa wukuthi iqembu lakhe lisesimeni esihle ngemuva kokuthi ligcine liphumelele ukunqoba okwesibili kulo nyaka, linqoba ngo 2-1 kwiSuperSport United.
“Ngicabanga ukuthi isimo sihle kakhulu… siphuma ekunoqbeni iSuperSport futhi ngicabanga ukuthi sikhuthazekile ukudlala neSundowns,” kusho uMmodi kuleli sonto.
“Banerekhodi elihle kunawo wonke amaqmebu kwiligi futhi sizimisele ukuwuqeda lowo mlando.
“Ngicabanga ukuthi okuwukuphela kwendlela yokubahlula ukuthi sonke senze okusemandleni ethu ngoLwesine, ukuze sikwazi ukuthola amaphuzu amathathu …
“Sidinga amaphuzu ukuze sihlale kwiTop 8” kwengeza lo mdlali osayine kwiChiefs esuka kwiGolden Arrows ekuqaleni kwesizini.
Njengamanje iChiefs isendaweni yesishiyagalombili embangweni onzima wokungena kwiMTN8 ngesizini ezayo.
UMmodi ukholelwa ukuthi iChiefs ibidlala kahle, kodwa inkinga bekuwukungawasebenzini amathuba ayo emidlalweni edlule.
BUKA: UChamanga ubongela uRayners ngerekhodi lamagoli
“Abadlali esinabo namanje ngisakholelwa kubona. Akukho engingakusho ukuthi siyashoda … inkinga bekuwukushaya amagoli,” kwengeza uMmodi.
“Uma singasebenzisa amathuba esiwatholayo emidlalweni…. konke kuzolunga.”
UMmodi uyazi ukuthi naye sekunesikhathi agcina ukubhakuzisa inethi futhi uthi usekulambele.
Wagcina ukuyibhakuzisa ngoZibandlela bebhekene nePolokwane City.
“Sekunesikhathi eside ngingawashayi amagoli kodwa uma ngingalishayi igoli, kungcono ngisize uzakwethu.
“Kube kungikhungathekisa (ukungashayi amagoli) … kodwa ngicabanga ukuthi ngizokulungisa,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala.
