DStv Premiership

UMailula ulule umgqigqo omuhle weWydad

UCassius Mailula usaqhubeka nokugqama eMorocco lapho ebolekiswe khona kwiWydad Athletic.

Lo mgadli oke wagijima kwiMamelodi Sundowns ushaye igoli ngesikhathi iWydad inqoba ngo 2-0, ihlula iDHJ ngeSonto ebusuku.

Lokhu kube wukunqoba kwesithathu kulandelana kweWydad, okungokokuqala kwenzeka ngaphansi komqeqeshi uRulani Mokwena. 

UMohamed Rayhi nguye ovule inkundla ngomzuzu ka-38 evalela phakathi iphenathi.

UMailula ube eseqedela umsebenzi ngegoli alishaye ngomzuzu ka-61, ekhombisa ukuba bukhali phambi kwepali.

Bekuyigoli lakhe lesibili kule sizini, elengeza esibalweni sakhe esihle sokwakhela ozakwabo amahlanu.

Lokhu kunqoba kuphushele iWydad endaweni yesithathu kwiBotola Pro League, kanti manje isinamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-19.

Ukuvuka kwabo kwakamuva kuhlanganisa ukunqoba kwiMogreb Tetouan kanye ne-Union Touarga, okuwubufakazi bomthelela kaMokwena.

Nokho iWydad isabhekene nenselelo enzima emjahweni wesicoco.

Ilandelela iRenaissance Zemamra ngamaphuzu amane kanti isalele ngayisithupha kwiRS Berkane ezihola phambili.

Ukwenza izinto zibe nzima, iBerkane inemidlalo emithathu esayigodle ekhwapheni, okuyibeka endaweni enhle kakhulu.

Amagalelo kaMailula, ekushayeni amagoli nasekuwakheni, kube nomthelela emgqigqweni omuhle iWydad ekuwo njengamanje.

Leli qembu lizomdinga aqhubeke nefomu yakhe enhle uMailula njengoba lihlose ukuvala igebe leRS Berkane.