
IDowns inqabile ama-amesha efuna ukuyigila ‘eseChiefs’
Yize kuke kwanesikhathi esithusayo ngesikhathi iSibanye Golden Stars isabisa ngokubuya ngendlela emangalisayo, iMamelodi Sundowns idlulele phambili.
ISundowns manje isingelinye lamaqembu adlulele emzuliswaneni olandelayo weNedbank Cup.
Lokhu kwenzeke ngokunqoba ngo 5-2 kwiSibanye emdlalweni obuseLoftus Stadium ngoMgqibelo ebusuku.
ISundowns iye ekhefini ihamba phambili ngo 3-0, kubukeka sengathi izoshaya amagoli amaningi kwesesibili njengoba ibiwulawula umdlalo.
UMalibongwe Khoza ubeke iSundowns phambili zisuka nje, eshaya igoli igoli ngomzuzu wesibili umdlalo uqalile.
UTashreeq Mathews wenze kwaba ngu 2-0 ngomzuzu ka-15 washaya elesithathu sekusele imizuzu emine kuyiwe ekhefini.
Kodwa uMafanyana Mokitimi unikeze leli qembu laseeFree State elidlala kwi-ABC Motsepe League ithemba, washaya igoli elibabuyisele emdlalweni.
UMojalifa Mokhatla ube eseshaya elesibili ngomzuzu ka-61, kwabonakala bezoyigila igoda iSundowns
Kodwa ngesikhathi sebenethemba elikhulu, u-Arthur Sales wenze kwaba nzima kakhulu ngegoli lesine.
UKobamelo Kodisang yena ube eseshayela isipikili sokugcina ngegoli lesihlanu umdlalo ususesikhathini esengezwe unompempe.
