
Sezigawulwe zabekwa kwiSiwelele nePirates
Iphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi lithi abayele ukusinisa amahleza eBloemfontein la bezobhekana khona neSiwelele FC.
Lamaqembu azogobana inkani eFree State Stadium ngoLwesibili kani umdlalo weBetway Premiership uqala ngo-7.30 ebusuku.
“Ngelinye ithuba leqembu lethu lokuthi lilwele amaphuzu amathathu amqoka,” kusho uNcikazi.
“Sizobhekana neqembu eliqinile, elikwazi ukujika indlela elidlala ngayo. Liyakwazi ukudlala ngabathathu emuva, noma abane.
“Ngokwemininingwane yemidlalo yabo, bayiqembu elidla kakhulu ngamabhola agotshiwe.”
Uthi yize beyihlonipha iSiwelele kodwa nabo banezabo izinhloso abafuna ukuzifeza kulo mdlalo.
“Kodwa noma kunjalo, iPirates ilapha ngomsebenzi owodwa – ukulwela ukuqoqa amaphuzu aphelele.
“Yilowo umsebenzi esiwujutshelwe lapha, futhi yilokho esizilungiselele khona ngalo mdlalo.”
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
- ISiwelele ibophele kanje: Goss – Moralo, Baliti, Mfolozi, Sanoka – Gamphani, Pule, Mokhuane, Potsane – Ohizu
- Ebhentshini: Xulu, Saile, Margerman, Lakay, Ayer, Zwane, Mashiane, Moloisane
FUNDA NALA | UBroos uselikhiphile azoqoka kulo eleBafana
- IPirates ibophele kanje: Chaine – Hotto, Lebitso, Mbokazi, Seema – Mbatha, Nduli, Maswanganyi – Mofokeng, Sebelebele, Mabasa
- Ebhentshini: Buthelezi, Dansen, Mbule, Makgopa, Nemtajela, Appollis, Moremi, Sibisi, Ndaba
