
UKopo ucacisa eyokukhipha uJali kowePirates
- Sibongiseni GUMBI
U-Andile Jali ukhombise ukuba bukhali emdlalweni wakhe wokuqala eqenjini lakhe elisha, Chippa United futhi kumangazile ukukhishwa kwakhe ngesikhathi sekhefu.
Ngemuva kokushintshwa kwakhe, iPirates ibe seyikwazi ukulawula umdlalo, yaqala ukudlala kangcono nokwakha amathuba.
Edlala kwiChilli Boys okokuqala, uJali uqale ngendlela noma yimuphi umdlali angafisa ngayo, eshaya elihle igoli elibeke ezakhe phambili.
Nokho leli goli lakhe likhavekile ngaphambi nje kwekhefu ngegoli likaTshegofatso Mabasa alishaye kade kuyiphenathi.
UMonnapule Saleng ube eseshaya elesibili elinqobise iPirates ngo 2-1 kulo mdlalo weBetway Premiership obuse-Orlando Stadium.
UJali ushiywe ebhentshini ebukeka enganelisekile ngesikhathi iqembu libuyela enkundleni ukuzodlala isiwombe sesibili.
Kodwa umqeqeshi uKwanele Kopo usedalule isizathu sangempela sokushintshwa kwakhe okudide abaningi.
“U-Andile ube nenkinga yoomsipha,” kusho uKopo kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Bekuvele kuwukugembula nje ukuqala ngaye umdlalo. Ubengazange aziqeqeshe neqembu izinsuku ezintathu ngaphambi komdlalo.
“Kodwa besidinga umdlali oqine njengaye, onolwazi lwakhe nekhono lakhe,” kwengeza uKopo.
Uvumile ukuthi ngesikhathi uJali ephuma, bazame ukushintsha indlela abebehlekele ngayo futhi akuzange kusebenze ngendlela abebefisa ngayo.
OLUNYE UDABA: USaleng uthe ‘kwagogo eZola’ iChippa izama ukubajivaza
“Ngicabanga ukuthi ngesikhathi engasekho esiwombeni sesibili, indlela ebesihleleke ngayo yokuvala izikhala ayizange isalunga,” kwengeza uKopo.
