EzintshaOrlando Pirates

IPirates ishaye ‘isiSundowns’ ngemboleke iChippa

Umdlali wasesiswini weChippa United, uSiphelo Baloni, ushiywe ngaphandle eqenjini elizodlala ne-Orlando Pirates. 

UBaloni, obolekiswe yiPirates kwiChippa, akavunyelwe ukubhekana neqembu lakhe elimbolekisile.

Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala usanda kuthuthela kwiChippa United ngesivumelwano sokubolekana sesizini yonke. 

Ujoyine iPirates ngaphambi kwesizini ka-2023/24 esuka kwiJDR Stars kodwa wakuthola kunzima ukungena eqenjini eliqala imidlalo.

Ngesizini yakhe yokuqala unqobe izindebe ezimbili nePirates – iMTN8 neNedbank Cup.

Ngenxa yamathuba amancane okudlala, iPirates inqume ukumbolekisa kwiChippa United. 

UBaloni wethulwe njengomdlali weChippa ezinsukwini ezimbili ezedlule ngesikhathi kwethulwa ikhithi entsha yeqembu. 

Abalandeli bebemagange ukumbona edlala kodwa kuzomele balinde isikhashana njengoba engazange angene eqenjini elizobhekana nePirates namhlanje ebusuku. 

Akukhona okokuqala kwenziwa isivumelwano esinjalo ebholeni laseNingizimu Afrika. Ngesizini edlule iPirates iboleke uGoodman Mosele kuChippa United. 

UMosele wayihlinzela ezibini iPirates eshaya igoli lokulinganisa emdlalweni owawuseNelson Mandela Bay Stadium. 

IPirates kubukeka sengathi ifuna ukugwema impinda ngoBaloni.

IMamelodi Sundowns yagxekwa kakhulu ngokubeka umbandela ofanayo lapho ibolekisa ngabadlali.