Ezintsha

Uzibize ngoMose owe-Orbit eyifaka ‘kweloju nobisi’

Iqembu likaMakhoye lizibekisele indawo esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo ngemuva kokunqoba iligi yamaqembu amathathu yokuhlunga ngoLwesithathu.

Ngemuva kokudlala ngokulingana kwemibili, nokunqoba emibili, baqede beqhwakele ngamaphuzu ayisishiyagalombili.

Nokho iCape Town City neCasric Stars basenomdlalo okufanele bawudlale yize umphumela wawo ungasasho lutho.

I-Orbit College ishaye iCasric Stars ngo 1-0 ngempelasonto, yaphinda iCity ngomphumela ofanayo ngoLwesithathu ukuqinisekisa ukuthi iyayinqoba imidlalo yokuhlunga. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uMakhoye uthe isifiso sakhe bekuhlezi kuwukuzakhela ifa njengoMose waseBhayibhelini.

“Bengifuna ukwakha ifa, ngathi ngelinye ilanga kumele sikhuphulele leli qembu silifake kwiNFD bese siliyisa kwiPremiership. 

“Ngale mpumelelo ngihlonipha abantu baseNorth West,” kusho uMakhoye obejabule efa. 

“Ngesikhathi silungiselela lo mdlalo, bengilokhu ngifundela abadlali bami iBhayibheli… Bengibafundela incwadi ekhuluma ngoMose.

“Futhi namuhla ngifana naye uMose, ngithathe leli qembu eGibhithe (iNFD) ngayolifaka ezweni loju nobisi (iPremiership). Ngiyaziqhenya ngalaba bafana.” 

ULetsie Koapeng nguye oshaye igoli elibalulekile bedlala neCity ngoLwesithathu. Ujoyine iqembu ngoJanuwari.

UMakhoye uthe ukusayina kwakhe nabaye ubekwenzela ukuletha isipiliyoni eqenjini.

“Ngesikhathi sisayina uKoapeng, uTshepo Matsemela noMoikhomotsi Thibedi ngoJanuwari, sabalethela ulwazi lwabo,” kwengeza uMakhoye. 

“Besiyiqembu lesibili elihamba phambili kwiNFD, sifanelwe ukuba lapha. 

“Siphonsele iDurban City inselelo kwaze kwaba wusuku lokugcina. Besazi ukuthi lesi yisikhathi sethu.”