
Sesiyezwela kuMaduka isigwebo seRoyal AM
- Intatheli yeLISENETHINI
Isigwebo esivimbela iRoyal AM ukusayina abadllai sesiqala ukusinga ngokweqile kumqeqeshi uJohn Maduka.
Lo mqeqeshi njengamanje akakwazi ukulihlela kabusha iqembu lakhe ngokusayina abadlali abasha abazofika nomdlandla ohlukile.
Esikhundleni salokho, leli qembu lilahlekelwa ngabadlali abanamava kanti uMadka uvumile ukuthi ulindele enye isizini enzima.
Edlule iphele kubanjwe umoya kwiThwihli Thwahla esinde ezembeni emidlalweni embalwa yokugcina.
Kodwa noma ngabe izinto zinjani, kufanele abe neqembu elilungele umdlalo wabo wokuqala weBetway Premiership neCape Town City eHarry Gwala Stadium ngempelasonto ezayo.
“Kunzima,” kuvuma uMaduka ecashunwa yiSABC Sport ngeSonto.
“Umqeqeshi ngamunye ufuna ukuzama ukuqinisa iqembu lapha nalaphaya…
“Ufisa umgadli ozoshaya amagoli amaningi, udinga umdlali wasesiswini ongaba nomthelela eqenjini…
“Isitobha esingasiza, bese ubahlanganisa nalabo abasafufusa,” kwengeza lo mqeqeshi oneminyaka engu-53.
“Ngakho kuhlale kubalulekile ukuthi singasayini kakhulu kodwa ekugcineni kube yithuba kwabasencane.
“Kodwa sidinga isineke kubo ngoba izinto ngeke zenzeke ngokuphazima kweso – badinga isineke nesikhathi.”
Esikhundleni sokufaka ingcindezi kubadlali abasencane, uMaduka uzobheka kasebekhuliel ukuthi bathwale ingwenye enkulu yothwalo.
“Nakulokhu, kufanele sizame konke okusemandleni ethu ukuthi singabafaki ingcindezi enkulu noma sizame ukuthembela kubo kakhulu.
“Kodwa sizame ukuthembela kakhulu kubadlali abambalwa abanesipiliyoni esinabo ukuze bakwazi ukusiza abadlali abancane ukuya phambili.”
