
Okwenza lingamthusi uRiveiro igebe leSundowns kwiligi
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ukholwa ukuthi igebe langempela phakathi kweqembu lakhe neMamelodi Sundowns lizocaca ekupheleni kwesizini.
IPirates isineminyaka emihlanu ihluleka wukushaya iSundowns emidlalweni yeligi, futhi ilokhu iyiphelezela emjahweni wesicoco.
Nokho, emidlalweni yendebe iPirates yenza kangcono futhi seyiyishaye kabili iSundowns kweyamanqamu.
Kule mpelasonto edlule, emdlalweni weBetway Premiership, iPirates ihlulwe ngo 4-1.
ISundowns manje isiqhele ngamaphuzu ayisishiyagalolunye kwiPirates, kodwa uRiveiro uthi kusesekuseni kakhulu ukuthi sekungabalwa.
“Umehluko uzobonakala ngemuva kwemidlalo engu-30,” usho kanje ngemuva kwalo mdlalo obuseLofstus Stadium.
“Umdlalo owodwa awulichazi igebe. Kwesinye isikhathi imiphumela iya ngezindlela ezahlukene.”
Uvumile ukuthi iSundowns ibingcono ngesiwombe sokuqala. “Ukube silisebenzisile ithuba eliitholwe uHotto, umdlalo ubungashintsha.
“Sithwale kanzima emizuzwini yokuqala engu-20, futhi sakwazi ukubavimba kahle.”
Yize iPirates ingongoti bezindebe, abaningi bebelindele ukuthi izolwela iligi kule sizini.
“ISundowns ibisebenza kahle kakhulu,” kusho uRiveiro. “Amaphuzu awabonisi umehluko wangempela ngaso sonke isikhathi.”
