AmaZuluEzintsha

OwoSuthu akafune zaba, ufuna iwini qha kwiDurban City

Usuthu luzikhotha amanxeba ngemuva kokubhuliswa amazolo kwiCarling Knockout yiMagesi FC eyawashaya ngo 3-2.

Ngaphambi kwalokho, AmaZulu adlala ngokulingana ngo 1-1 neKaizer Chiefs kanti manje ahlezi endaweni yesishiyagalolunye kwilogi ngamaphuzu angu-12 emidlalweni eyisishiyagalombili.

Ukunqoba kwiDurban City kungawadudulela emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kanti umqeqeshi u-Arthur Zwane akafuni lutho ngaphandle kwewini.

“Yebo, siyiqembu elinabadlali abasebancane, kodwa kufanele senze kangcono,” kusho uZwane. “Lo mdlalo singawunqoba ngaphandle kwezaba.”

UZwane ukubeke kwacaca: njengoba sekuphelile ngephupho lendebe kwiCarling Knockout, sekugxilwe kwiligi neNedbank Cup ngasekupheleni kwesizini.

Khonamanjalo, iDurban City yona ihambela phezulu. Ihlule iPolokwane City ngo 4-1 kwiCarling Knockout, kanti yaqumba phansi iMagesi ngo 3-1 ekuhambeni emdlalweni weligi.

ICity, engaphansi kwesandla somqeqeshi ongumakadebona uGavin Hunt, ihlezi endaweni yesine ngamaphuzu angu-15 emidlalweni eyisishiyagalolunye.

Umqeqeshi wonozinti uRowen Fernandez uthi ezakhe sezikulungele ukushisa komdlalo womkhaya.

“Idabhi umdlalo okhethekile — okumele ukubambe ngezandla zombili. Konke kumayelana nokuziqhayisa ngamalungelo okuchoma eThekwini,” kusho yena.

Womabili amaqembu awalinyalelwe ngaphambi kwalo mdlalo. Lona kuzoba ngumdlalo wokuqala osemthethweni phakathi kwaMaZulu neDurban City. 

  • AmaZulu abophele kanje: Johnson – Mzobe, Hanamub, Feilies, Allan – Hlangabeza, Ngcobo, Maqokolo, Ektsein – Kutumela, Mbanjwa
  • Ebhentshini: Mzimela, Ncama, Radebe, Dube, Mthethwa, Zikhali, Thabede, Sithole, Mathloko
  • IDurban City yona ibophele kanje: Keet – Gcaba, Mashego, Ncanana, Mkhize – Mokoena, Jurgens, Magawana, Maseko, Jodwana – Koapeng
  • Ebhentshini: Mtshali, Pogoenbul, Maphathe, Nodada, Domingo, Goedeman, Lubumba, Kamatuka, De Kock