
UMokwena ufuna uLorch ‘azikhulumele’ enkundleni kwiWydad
URulani Mokwena ukugwemile ukuncoma umdlali wakhe omusha ambolekwe yiMamelodi Sundowns uThembinkosi Lorch.
ULorch ujoyine iSundowns esuka kwi-Orlando Pirates ngewindi lokudayiselana ngabadlali likaJanuwari 2024.
UMokwena uyena owalwela ukuthi uLorch asayinwe kwiSundowns yize kwakhukhona abangahambisani nalokho.
UMokwena wayembona ezoqinisa iqembu lakhe phambili. Nokho, ukulimala nokungalitholi njalo ijezi kwenze kwaba nzima ukuthi uLorch agqame.
UMokwena ube eseshiya iSundowns ngoJulayi, okwenze amathuba okuthi uLorch adlale njalo ehle kakhulu.
Lo mqeqeshi ngokuhamba kwesikhathi ube esemcela kwiSundowns ukuthi azomlekelela kwiWydad AC. Uzoba kuyo kuze kuphele isizini.
ULorch udlale umdlalo wakhe wokuqala kwiBotola Pro League ngeSonto ebusuku.
IWydad iwine ngo 2-0 ibhekene neHasania d’Agadir. UMokwena ukujabulele ukwenza kahle kweqembu lakhe.
Kodwa akafunanga ukuphawula ngomdlali ngamunye, ikakhulukazi laba abasafika eqenjini.
“Ngiyaziqhenya ngabo bonke abadlali abasha” kusho uMocwena. “Badinga isikhathi sokujwayela izinga leqembu.”
Lapho ebuzwa ngoLorch ngqo, uphendule wathi, “ngeke ngikhulume ngaye. Uzozibonela wena.”
UMokwena ukholelwa ukuthi uLorch kumele azibonakalise enkundleni.
