EzintshaOrlando Pirates

Sesiphumile isinqumo seCaf ngecala le-Orlando Pirates

Lokhu kuqinisekisa ukuthi leli qembu laseDR Congo lizoqhubeka nokudlala kwiCaf Champions League lapho selisesigabeni samaqoqo khona.

I-Orlando Pirates ibifake isikhalo esisemthethweni ngemuva kokukhishwa kulo mqhudelwano emzuliswaneni wesibili kweyokuhlunga.

Yakhala ngokuthi iLupopo isebenzise abadlali ababili abangafanelekile njengoba bebengabhalisiwe ngendlela efanele. 

Kodwa manje iCaf isikhiphe isinqumo esivuna iLupopo, okuyiyo ekhiphe isitatimende ngalesi sinqumo esiyijabulise kakhulu.

“I-Football Club Saint Lupopo ithole ukunqoba okubalulekile kwezokuphatha,” kumemezela le kilabhu.

ICaf isichithile isikhalazo sePirates, yaqinisekisa ukufaneleka kwabadlali uMolia noKashala, yathi bobabili babhaliswe ngendlela efanele.

Le nhlangano eyengamele ibhola ezwenikazi iphinde yacacisa ukuthi iLupopo ngeke ijeziselwe ukuba khona komqeqeshi uGuy Bukasa ebhentshini. 

Nokho uBukasa usazodonsa isigwebo semidlalo eyisithupha ngodaba oluhlobene nokuqondiswa ubugwegwe ngokwenzeka kwiCaf Under 20 Afcon.

I-Orlando Pirates iphinde yazithola kuyiyo ejeziswayo ngokuhlawuliswa imali kulandela isikhalo seLupopo. 

AmaBhakabhaka ahlawuliswe kanje:

  • $5 000 (R86 000) ngokwenqabela iLupopo ukuthola izimvume zabathile zokungena enkundleni
  • $20 000 (R344 000) ngezinsolo zokufafaza amakhemikhali athile egumbini lokushintshela 

ILupopo ithe “lesi sinqumo siqinisekisa ukunqoba okuzuzwe enkundleni futhi siqinisa indawo yeqembu lethu kulo mqhuelwano.”

Leli qembu laseDR Congo liqhathwe kuGroup C la okukhona khona iMamelodi Sundowns, iMC Alger yase-Algeria, ne-Al Hilal yaseSudan. 

Lizoqala imidlalo yesigaba samaqoqo ngomdlalo onzima la lizobhekana khona neMamelodi Sundowns eLoftus Stadium ngoMgqibelo ntambama.