EzintshaMTN8

Angisi‘feeli’ isiqubulo seMTN8, bekumele bathathe esikaMapensela

Ya, sengiyakhumbula, sithi ‘Bazzokufeela!’. Cha mina ke kodwa angisi‘feeli’ neze ke lesi siqubulo sabo esisha. 

Futhi ngiyazi sibaningi esisazokhohlwa wukuthi akuseyona iMTN8 Wafa-Wafa manje ngoba sesishintshiwe lesi siqubulo. 

Ukushintsha kwabo kuyisiqiniseko sokuthi ezinye izinto azidingi ukushintshwa noma ngabe sezindala kanjani. 

UWafaWafa uyazikhulumela, ukwenza uzwe ngisho egazini ukuthi nguWafa-Wafa wangempela kule midlalo ngaphandle kokuthi uze uchazelwe. 

Manje lesi esisha, hhayi asishayi khona, asishayi emhlolweni futhi kuzomele basicabange kabusha nje ngoba ngeke sijwayeleke. 

Ukube bengiyibo, mina ngabe ngicele kuMapensela, uReggie umfana kaNdlovu ukuthi asiboleke esisodwa kwezakhe – ikakhulukazi lesi esithi ‘Izodla’iTV’. 

Noma ke, ngoba uyiciko ekuqambeni, ngimcele asitholele esinye isiqubulo esizohambisana kahle nale ndebe. 

Okuhle ngoMapensela wukuthi nezinye izilimu uyazazi, ubungamuzwa esexuba isiZulu nesiVenda, kuphume isiqubulo ebesizovusa usinga kuwo wonke umuntu. 

Kodwa ke, mhlawumbe ngisazosi‘feela’ nalesi esisha ngokuhamba kwesikhathi futhi umuntu esesijwayele futhi esesithanda.

Okwamanje nokho, hhayi asingithintanga kwamancane njengalesi sikaWafa-Wafa, esashaya khona zisuka nje.