
UMaela uveza akwaziyo ‘ngempi’ kaSaleng nePirates
Obengukaputeni we-Orlando Pirates, u-Innocent Maela usekhulume ngokungagwegwesi ngenye yezinkinga eziphazamise leli qembu ngesizini edlule – indaba kaMonnapule Saleng.
UMonnapule Saleng ubengomunye wabadlali abadlala kahle kakhulu kwi-Orlando Pirates kodwa wavele wanyamalala eqenjini ngaphandle kokuthi ikilabhu inikeze incazelo.
Ekuqaleni kwale sizini, uSaleng ubolekiswe kwi-Orbit College lapho esadonsa kanzima khoan ukubuyela emgqigqweni wakhe omenze isethenjwa kwiPirates.
“Udaba lukaSaleng lubucayi kakhulu. Lokho kungenxa yokuthi abantu abazi kahle okwenzeka nguye, ikilabhu nemenja yakhe,” kusho uMaela.
“Ngike ngabina imenenja yakhe ikhuluma kwenye indawo kodwa angazi ukuthi yathini lapho kodwa lona wudaba olubucayi kakhulu.”
Imenenja kaSaleng, uKarabo Marang-Tshabuse ukhulume kwiPodcast kaMazola Molefe iBehind the Boot lapho yachitha ukuthi kwaba nengxabano nePirateskodwa ayangakhipha imininingwane ngokwenzeka.
“Ngisho nathi eqenjini uma ufuna ukwazi bekumele sibuze uSaleng kanti kunesikhathi lapho ayengafiki ngisho eqenjini ngenxa yokumiswa kwakhe.
“Kodwa ngokweqiniso, angazi ngempela ukuthi kwenzekani.” UMaela ubuzwe ukuthi njengoba ebengukaputeni, wake wambuza yini uSaleng ukuthi kwenzekani.
“Noma nini lapho enathi, ubebukeka engenankinga, futhi noma ungambuza ubethi kuhamba kahle – futhi uyazi ukuthi unamahloni ngakho ngeke avuleleke kalula.
“Ubengabonakali ukuthi kukhona okumphazamisayo. Unamahloni futhi ubehlale ethi ulungile uma umbuza.
“Ngisho noma uzama ukukhuluma naye ngqo, ubevele athi, ‘Ngikahle, yonke into ihamba kahle’.
“Okuwukuphela kwento eyenzekayo ukuthi bekunezindaba ezivela kubantu bangaphandle abakha izindaba zabo ngokwenzekayo.”
UMaela uvumile ukuthi mhlawumbe uSaleng ubeziqinisa uma ephambi kwabo ukuze angadungi umoya eqenjini.
WINA | Imali yokuqala ibhizinisi lezemfashini neNikNaks
“Mhlawumbe ubenza sengathi konke kuhamba kahle, futhi uyazi abadlali bebhola banjani, kuhlale kuncokolwa nje.
“Besihlale simtshela ukuthi, ‘uyazi uma sidlala umdlalo wamanqamu uhlale ushaya amagoli bese siwina’. Bekuba yilokho kujovana nje.
“Kodwa ubungeke umboe noma engekho muhle emoyeni. Ngicabanga ukuthi izinsuku lapho ebesindeka khona wayebika kubaphathi bese engezi ejimini.
“Kodwa thina besimbona enganankinga. Yizze besazi ukuthi kwenzekani ngalokho okushiwo ngaphandle kweqembu.
“Kodwa uyazi uma unomuntu ngeke ukwazi ukumbuza ngalokho okushiwo ngaphandle uma yena engavuleleki ngakho.”
UMaela uthe usaxhumana namanje noSaleng futhi ujabule kwi-Orbit College lapho ebolekiswe khona.
FUNDA NALA | UPhala ukhala ngeChiefs eyeke u-Appollis
Kodwa uma ebuzwa ukuthi usambona yini ebuyela kwiPirates ngokuzayo, akakwazanga ukuphendula wathi unethemba lokuthi kuzokwenza lokho.
Inkontileka yokuqala kaMonnapule Saleng kwi-Orlando Pirates kukholakala ukuthi izophela ngoJuni ngonyaka ozayo.
