
Kusolwa iChiefs ngokuhlonza kwayo abadlali ngesiNgisi, hhayi ikhono
IKaizer Chiefs isigxekwe kakhulu ngezinsolo zokwazisa“abadlali abakhuluma kahle isiNgisi” kunethalente lebhola.
Lokhu kungemuva kokulahlekelwa kwayo ngomunye umdlali othembisayo — uKhulumani Ndamane — ojoyine izimbangi zayo kwiPSL iTS Galaxy.
Umakadebona womqeqeshi uMlungisi Ngubane usole lezi ziqhwaga zaseSoweto, ikakhulukazi abaphathi beqembu ngokudedela uNdamane.
Lokhu ukubize ngelinye lamaphutha amakhulu iKaizer Chiefs ewenzile eminyakeni embalwa edlule.
“Lo mfana weTS Galaxy, uNdamane, ungene eqenjini lesizwe kwavele kwaba sengathi kudala aba khona,” kusho uNgubane kwiKickOff.
“Unethalente elihle — ngenxa yakhe, uGrant Kekana uzophuthelwa ukuya kwiNdebe yoMhlaba.”
Ukwenyuka okumangalisayo kukaNdamane kumenze wathola indawo eqenjini likaHugo Broos ebelidlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Lokhu kwenzeka nje akukapheli nonyaka eshiye eNaturena la ebedlala khona eqenjini leDStv Diski Challenge kodwa akanganyuselwa kwelikhulu.
UNgubane ukholwa ukuthi iKaizer Chiefs izilimaza yona ngalaba badlali abayishiya besebancane bafike bavelele kwamanye amaqembu.
Abanye abadlali abashiye Amakhosi bafike bavelela kwamanye amaqembu ngo-Omega Mdaka okwiStellenbosch FC noNtandoyenkosi Nkosi noPuso Dithejane abakwiGalaxy.
WINA | Imali yokuqala ibhizinisi lezemfashini neNikNaks
“Benza iphutha elikhulu ngokumdedela (uNdamane). Lo obehlwaya ikhono kwiChiefs kumele abuyiswe.
“Njengamanje, kubonakala sengathi banendaba kakhulu nabadlali abakhuluma isiNgisi esihle kunalabo abakwazi ukudlala ngempela,” kuqhuba le nkakha.
Le ngqalabutho iphinde yaxwayisa ngokuthi iChiefs ingase ilahlekelwe omunye umdlali osemncane maduze uma ingajiki ukwenza.
“Bakhuphule uNaledi Hlongwane esuka eqenjini labo leDDC, wabukeka ebukhali,” kuchaza uNgubane.
“Kodwa manje akasabonakali nangokhalo. Uma bengaqaphile, naye uzolandela indlela efanayo nekaNdamane.”
FUNDA NALA | UMaela uphawula ngempi yePirates noSaleng
Khonamanjalo, iLisenethini isingakudalula ukuthi iMamelodi Sundowns isimsayinile uNdamane kodwa yamgcina kwiGalaxy kule sizini.
Uma seyimlanda futhi esegqama kuleli qembu laseChloorkop, ngeke kwehle kahle kubalandeli baMakhosi njengoba ephunyuke kuyo.
