EzintshaOrlando Pirates

Okwenze uSebelebele azibe ezinye izesheli, ‘aqome’ iPirates 

Manje njengoba lo mnyakazo -obuyiphupho kakhe kusukela esemncane – sewufezekile, usebheke ukuqinisekisa ukuthi uba nomthelela ibonakalayo kuleli qembu. 

Uveze ukuthi uvele ekhule engumlandeli weBucs, lo mdlali ozalwa eTembisa ujoyine leli qembu esuka kwiTS Galaxy. 

Lokhu bekungemuva kwesizini ehlaba umxhwele abe nayo kwiGalaxy neyenze waqokelwa eqenjini leBafana Bafana ebelidlala kwiCosafa Cup.

Ngemuva kwalo mqhudelwano, waqokwa njengomunye wabadlali abenze kahle kakhulu -wange kwiCosafa Cup Team of the Tournament.

Ukudlala kahle kwakhe kudonse amehlo amaqembu amaningi, kodwa inhliziyo yakhe beyivele ikwiPirates nokuthe uma ivela izozibika, wamoyizela yedwa.

“Yiqiniso, i-Orlando Pirates yiqembu elikhulu,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala kwi-Orlandopiratesfc.com. 

“Ngikhule ngingumlandeli wayo. Ngibonga kakhulu ukuba lapha futhi sengibheke phambili ekusizeni iqembu linqobe isicoco seligi, eseCaf Champions League nezinye izindebe.”

USebelebele useke waba nokuzizwela isimo sase-Orlando Stadium ngesikhathi ebuka ebhentshini emdlalweni weMTN8 bebhekene nePolokwane City. 

Manje uselangazelela ukungena enkundleni, naye afaka isandla ngokugcwele emdlalweni olandelayo.

“Ngiyazi ngeke kube lula. Kufanele ngiphushe, ngigxile ekuzithuthukiseni futhi ngisize iqembu,” kuqhuba yena.

Ithuba lakhe lokuqala lingase lifike emdlalweni wokuqala waleli qembu kwiBetway Premiership kule mpelasonto.

IPirates izogadulisana neSekhukhune United e-Orlando Stadium ngoMgqibelo – umdlalo uzoqala ngo-5.30 ntambama.

“Wonke umdlalo unzima kule ligi, kodwa i-Orlando Pirates ayikwazi ukuhlulwa. Beza ekhaya lethu, ngakho kufanele sinqobe.”

KuSebelebele, lokhu kuyoba okungaphezu kokudlala umdlalo wakhe wokuqala nje — kuzoba wukufezeka kwesikhathi ayephupha ngaso kusukela esemncane.