EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou uveza isu lePirates lokuvala esikaMofokeng

Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou usedalule ukuthi iqembu lizobhekana kanjani nokushiya kuka-Relebohile Mofokeng, osedlalela iqembu lase-Europe.

UMofokeng ube ngomunye wabadlali ababalulekile ngesikhathi iPirates iwina izicoco ezintathu, okubalwa neseBetway Premiership. 

Uphinde waklonyeliswa ngezindondo eziningi kumaPSL Awards, okuhlanganisa neFootballer of the Season.

Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala udlale imidlalo engu-36 kuyo yonke imiqhudelwano, washaya amagoli angu-11 waphinde wakhela ozakwabo ayisishiyagalolunye.

U-Abdeslam Ouaddou uvumile ukuthi u-Relebohile Mofokeng ubebaluleke kakhulu, ikakhulukazi ekwakheni amathuba okushaya amagoli.

Uthe ithimba labaqeqeshi selibheke ezinye izinhlobo zabadlali abangavala isikhala asishiyile.

Uthe basebenzise imidlalo yokuzilolonga eSpain ukuzama izindlela ezahlukene, kanti bazobona ukuthi zisebenza kanjani ngesikhathi iPirates iqala isizini yeBetway Premiership ibhekene neMilford ngoMgqibelo.

“URele ubengumdlali obalulekile eqenjini. Uma ubheka izibalo, indlela abesiza ngayo ekwakheni amathuba ibimangalisa,” kusho u-Ouaddou.

“Kodwa kufanele sithole abanye abadlali abangakwazi ukuthwala lowo mthwalo. 

“Asikhulumi ngomdlali oyedwa kuphela, kodwa sibheka ukusebenza kweqembu lonke.

“Yilokho ebesikuzama eSpain, sizama izinhlanganisela ezahlukene nabadlali abahlukene enkabeni yenkundla. 

“Sizobona impendulo yangempela ngempelasonto.”

U-Abdeslam Ouaddou uzoqala impilo ngaphandle kuka-Relebohile Mofokeng uma sebebhekene neMilford e-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo.