
Ukhale ‘ngeshwa’ uNabi iChiefs ivuliswa ngenduku
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi ubone amaphutha amadala, abevele elimaza iqembu lakhe phambilini, kuseyiwo abaholele ophathe.
Ukuveze lokhu kulandela ukuthi iChiefs ivuliswe unyaka ngenduku, ishaywa yiCape Town City ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership.
Lo mdlalo obuseDHL Stadium, ubungomunye webhekwe kakhulu njengoba bekunethemba lokuthi iChiefs izowuvula kahle unyaka.
“Ngeshwa senze amaphutha afanayo. Besingakwazi – ikakhulukazi esiwombeni sokuqala – ukuthatha izinqumo ezifanele.
“Bathole ithuba behlasela ngokuzuma, bathola igoli babe sebesivimba ukufa ukuthi sibuye,” kusho uNabi.
Isiwombe sokuqala siphele zibambene, ingekho egoba uphondo futhi alikho ebeliphethe umdlalo noma ebelifanelwe ukuhamba phambili.
Izinto zijike esiwombeni sesibili ngesikhathi iCity ihlasela ngokuzumisa – uThabo Nodada ukhiphe ibhola elide kade bechitha umnyakazo weChiefs.
Ibhola lakhe liwele phambi kukaDarwin Gonzalez, obe esehubhisa izitobha zeChiefs utalagu waze wayolinamathisela enethini.
Leli goli lingene ngomzuzu ka-51, futhi yize iChiefs izamile ukulikhava, igcine ilugobile uphondo, yawashiya wonke amaphuzu eKapa.
IChiefs seyizobheka ukujika izinto emdlalweni olandelayo uma seyibhekene neStellenbosch FC ekhaya ngoLwesithathu ebusuku.
ICity yona izophinde yamukele izinkunzi zaseSoweto, kulokhu i-Orlando Pirates ngawo uLwesithathu.
