
Sekungenelele inyunyana kolukaMaluleka neli‘mKruger’ imali
Umdlali owazakhela igama kwiKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns uGeorge Maluleka usevulele iqembu abedlala kulo muva nje iKruger United icala kwiPSL.
Isizathu? Ukungaholelwa isikhathi eside. Futhi-ke, akuyena yedwa okweletwa yileli qembu laseMpumalanga iholo. .
UGeorge Maluleka ujoyine iKruger United – edlala kwiMotsepe Foundation Championship – ekuqaleni kwesizini edlule ngemuva kokushiya kuMaZulu FC.
Kodwa akakwazanga ngisho ukuqeda isizini. Iqembu kuthiwa liyekile ukumkhokhela — labe seliyishaya indiva yonke imizamo yokuxazulula lolu daba.
Kuvela ukuthi inkinga ayikho ngomdlali oyedwa. Ngokusho kweSouth African Football Players Union (Safpu), kunabanye abadlali abayisithupha nabo abakweletwa imali.
Njengoba izingxoxo zingaphumeleli, iSafpu manje isiludlulisele kwiDispute Resolution Chamber yePSL lolu daba ngethemba lokuthi izophoqa iKruger United ukuthi ikhokhe.
“Sizamile ukuxazulula lolu daba, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya,” uNobhala Jikelele weSafpu uNhlanhla Shabalala ucashunwe esho kanje.
“Akuyena uGeorge kuphela. Kunabanye abadlali abayisithupha nabo abanenkinga efanayo. Thina sifisa kuxoxiswane, kodwa kulokhu lokho akusebenzanga.”
UShabalala, owake wadlala noMaluleka kwi-Ajax Cape Town bese bancane, uthi le nyunyana inamanye amacala ewaladelayo.
Elinye lawo ngelibandakanya uLesedi Kapinga, okubikwa ukuthi wehliselwe eqenjini leDStv Diski Challenge kwiSekhukhune United.
Lokhu kusolakala ukuthi kwenzeke ngemuva kokwenqaba kwakhe ukusayina incwadi yokunqanyulwa kwenkontileka.
FUNDA NALA | Kusolwa abaqeqeshi beChiefs ngokukhetha iphela emasini
ISafpu ithi isike yamthinta uKapinga — kodwa izongenelela kuphela uma yena eseseqinisekisile isimo futhi eyivumela ukuba imsize.
Okwamanje, isabheke lolu daba lweKruger United. Futhi uMaluleka ufuna okungokwakhe — imali yakhe iphelele.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
