
Uphinde ‘wachaza’ uMokwena kuqhuma induku
- Sibongiseni GUMBI
URulani Mokwena uveze ukuthi uyakwazi ukubaluleka kokunqoba njalo uma usebenza ekilabhini enkulu njengeWydad Athletic.
Ukusho lokhu ekhuluma kwabezindaba ngemuva kokuhlulwa umdlalo wesibili kulandelana – kulokhu ushaywe ngo 1-0 yiRS Berkane esekhaya.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuleli sonto, umengameli weWydad, uHicham Ait Menna, ubizele uMokwena emhlanganweni kulandela ukushaywa yiqembu elingomakoti kwiBotola Pro League.
Kuvele ukuthi kulo mhlangano uHicham Ait Menna ubezozwa ukuthi yini lo mqeqeshi angasekwa ngayo ukuze kusheshe kulunge izinto.
Kuthiwa uHicham Ait Menna uveze ukuthi usamethemba futhi uyameseka uMokwena ukuthi uzobuyisela iWydad esimweni esifanele.
“Emakilabhini amakhulu, kumele unqobe yonke imidlalo,” usho kanje uMokwena ngemuva komdlalo wangoMgqibelo.
“Ifilosofi nezinkolelo zami, okwami futhi ngiyofa nakho. Kukhona omunye umuntu wase-Egypt owathi kimi, ‘wena Mokwena kumele unqobe iCaf Champions League neWydad’.
“Ngambuza ukuthi yini emenza asho njalo. Wathi, ‘uPitso Mosimane akazange ayinqobe iligi ne-Al Ahly, kodwa wanqoba iChampions League’.
“Wathi yimina umuntu ozonqobela iWydad iChampions League,” kuqhuba lo mqeqeshi ochithwe yiMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini edlule.
“Ngiyakuqonda okulindelwe abalandeli beWydad, futhi sizofika kulelo zinga. Uma sesifikile kulo, kuzomele siqhubeke nokuba ngcono.
“Ngiyakholelwa eqenjini lami, kwengisebenza nabo nakulomsebenzi esiwenzayo. Akekho umqeqeshi ofika iqembu kade liqede endaweni yesithuba ngesizini edlule…
“Efika nabadlali abasha, ibhodi elisha elengamele ikilabhu, abasebenzi abasha bese kusheshe kulunge.
“Ukukhuluma iqiniso nje, bengizitshela ukuthi sizodonsa kanzima kakhulu kunalokhu okwenzekayo.
“Ngicabanga ukuthi yisiqalo esihle lesi kwiWydad, besisilele ngamaphuzu amathathu kuphela (ngaphambi komdlalo) eqenjini eliqhwakele.
“Namuhla ngiphoxeke kakhulu ngoba sidlale kangcono kakhulu,” kwengeza uMokwena odabuka eSoweto, eGoli.
IWydad isendaweni yesithupha ngamaphuzu angu-11 emidlalweni eyisishiyagalombili, kanti isilele ngayisithupha kwiBerkane ezihola phambili.
