EzintshaKaizer Chiefs

UNabi uvuma isifundo esimqoka ngokuhlulwa kweChiefs

UNasreddine Nabi uthemba ukuthi ukuhlulwa kweKaizer Chiefs kubavule amehlo abadlali bakhe, ikakhulukazi abasebancane.

IChiefs ishaywe yiSuperSport United ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo ebusuku. 

Bese kungokwesibili kulandelana emidlalweni yeligi iChiefs ithola induku kulandela isiqalo esihle la inqobe emibili kulandelana. 

Yize ezakhe zigcine ziguqile, uNabi akathukanga kangako kwazise zidlale kahle, kwala inhlanhla yokubhakuzisa inethi nje qha, ngokusho kwakhe. 

“Wumdlalo ebesiwuphethe cishe wonke. Sakhe amathuba amaningi kodwa ngeshwa asangakwazi ukushaya amagoli.

“Imbangi yethu ibe nethuba elilodwa nje vo, yashaya igoli ngalo,” kusho uNabi ngemuva kwalo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. 

“Abadlali bethu abasebancane kumele bakuqonde ukuthi ukuze unqobe umdlalo, kumele ufake ibhola enethini.

“Kodwa sikholwa wukuthi yisifundo lesi, yize sinzima nje, kodwa sethemba ukuthi sizofunda bese siba ngcono ngokuzayo.” 

Phambilini, uNabi wake wakuveza ukuthi enye yezinto azifundile ngeChiefs wukuthi abadlali bavele baphelelwe amandla uma beke bangenelwa yigoli kuqala. 

Wathi lena yinto azozama ukuyiqeda eqenjini ngoba iyaligqilaza. Futhi ubona kuyisimo esilungisekayo. 

“Sikholwa wukuthi indlela abazinikele ngayo namuhla beyiyinhle, ayijikanga noma sesingenelwe yigoli.

“Bebelokhu bezinikele, bephusha belwela ukuthola igoli lokulinganisa, ikakhulukazi ngesiwombe sesibili. 

“Besidlalela phambili, sinabantu abaningi ebhokisini, sakhahlelela ipali, sagoba amabhola… futhi besikholwa wukuthi singawujika umphumela. Yilokho esikufunayo.” 

Lo mphumela ushiye iChiefs isendaweni yesishiyagalolunye kwilogi yePremiership, kanti kusangenzeka yehlele ezansi. 

Uma kuba khona elinqobayo phakathi kweCape Town City neMagesi FC, lizogxuma liye ngenhla kweChiefs. 

Lamaqembu azogadulisana emdlalweni weligi e-Athlone Stadium ngeSonto ngo-3.30 ntambama.