EzintshaOrlando Pirates

UHunt usephumele obala ngengxabano yakhe noRiveiro

UGavin Hunt, ocija iSuperSport United, uthi iyihaba indlela okuthathelwa phezulu ngayo ukuhilizisana kwamabhentshi ebholeni lakuleli.

Ukusho lokhu ngesikhathi echaza ngokuhilizisana kwakhe nozakwabo we-Orlando Pirates uJose Riveiro emdlalweni walamaqembu ngoLwesibili. 

Ekhuluma nabePodcast ebizwa ngeSoccerBeat, uHunt uthe kwakuwukushiselwa yigazi nje kwesikhashana okuyinto evamisile ebholeni.

“Bekungeyona ingxabano etheni, angicabangi ukuthi wayeqonde ukuxabana nami,” kusho uHunt. 

“Akwenzekanga lutho nje kwaze kwaba umzuzu ka-80 la omunye wabadlali bami adlalisa kabi owePirates.

“Wadlala kabi impela. UJose wabe eseqala ekhuluma ebhekise ebhentshini lethu.

“U-Andre (Arendse) nabanye abebesebhentshini bamphendula, wayengakhulumi nami ngqo. 

“Baqhubeka nalento yabo futhi angizwanga nakahle ukuthi babethini. Mina ngeke ngitshele umdlali ukuthi akayolimaza omunye. 

“Kodwa konke kwakuyinto yasemdlalweni ehambisana nokushisa kwegazi kwesikhashana.” 

Uthe kuyaxaka ukuthi eNingizimu Afrika into eyenzeka phakathi kwamabhentshi ithathwa ngehaba ekubeni yenzeka emhlabeni jikelele futhi ijwayelekile. 

“Ukuthi ukunakwa kokwenzeka ebhentshini eNingizimu Afrika kuyihaba nje,” kuqhuba uHunt. 

“Uma kukhona odlalise kabi omunye ngandlela thile, indlela ibhentshi elizoyamukela ngayo iba iyehluka kuwo wonke amaqembu. 

“Ngicabanga ukuthi kwenziwa wukudinwa, mina ngabona kuyinto encane esala khona emdlalweni.” 

Bekungokwesibili uRiveiro, owaziwa ngokuzithulela nokuba nomoya ophansi, ehilizisana nomunye umqeqeshi. 

Wake wahilizisana noKwanele Kopo weChippa United owaze wasola lo mqeqeshi waseSpain ngokumcwasa.

Nokho wabuye wayijika inkulumo yakhe, wathi kwakube wukungaqondani ngenxa yokwehluka kolimi nendlela yokukhuluma.