
Owakhuliswa yi-Orlando Pirates ubheke kwelase-US
Umdlali owaphuma esikhungweni sokuthuthukisa amakhono se-Orlando Pirates futhi okwakubhekwe lukhulu kuye usethole ithuba eliyingqayizivele.
Lo mdlali, u-Augustine Mahlonoko kumanje usendleleni ebheke e-United States la engase adlake khona uma izinto zakhe ziqondile.
Imenenja yakhe, uGerald Baloyi itshele iLisenethini ukuthi uMahlonoko uyohlolwa yiqembu lase-US ukuthi ukusiphi isimo.
Empeleni nje sebeqede konke neqembu, osekusele wukuthi lizigculise ngokuthi alidayiselwa ingulube isesakeni ngokuthi limbonele eduze, bese kuphothulwa isivumelwano.
UMahlonoko ukhushulelwe eqenjini elikhulu kwi-Orlando Pirates ngo-2018, futhi kwakunesasasa elikhulu ngaye.
Kwakubhekwe ukuthi uzolandela ezinyathelweni zabanye abadlali abakhuliswa yileli qembu bagcina beyizinkunzi kulo.
Nokho izinto azimhambelanga kahle njengoba agcina eshiyile. Usedlale emaqenjini ambalwa ehlukekene kwiMotsepe Foundation Championship.
Ekusukeni kwakhe kwi-Orlando Pirates, waya kwiBaroka FC, wabe esedluleka kwiPretoria Callies neNB La Masia.
Nokho kwikiCastic Stars la afike wazinza khona futhi wakhombisa ukuthi ungumdlali onekhono nokuyila leli qembu lase-US limbone khona.
“Kuneqembu elisha amashushu ngaye e-USA futhi selibheke ngabomvu ukuthi limbonele eduze bese limsayina,” kusho uBaloyi.
“Bachazekile ngabakubonile kuye futhi manje sebefuna ukukuqinisekisa nje eseduze ukuthi akalimele futhi usesimweni esifanele ngokokulungela ukudlala.
“Sekuyilokho nje okusele. Konke okunye sesikuqedile nabo. Sekusele abambe indiza nje aye khona bafike bamhlole, beneliseke, asayine.”
UBaloyi uthe igama laleli qembu yi-Arkansas Wolves edlala kwiNPSL e-US, okkuyiligi engaphansi kweMajor League Soccer.
Uma enze kahle kuleli qembu, makhulu amathuba okuthi ahlonzwe yiqembu leMLS bese kufezeka amaphupho akhe okwangampela.
“Uzohamba nje esikhathini esingengakanani. Futhi ngiyamethemba kakhulu ukuthi uzophumelela ngoba ukuyombona nje ukuthi ufithi bese bemsayina,” kwengeza uBaloyi.
