
Isamdida uMotaung eyokugeja kweChiefs uMokwana
- Sibongiseni GUMBI
UKaizer Motaung Jr. usashaqekile ngokuhluleka kweKaizer Chiefs ukusayinisa u-Elias Mokwana.
Uthe base bekwenze konke ukuthola lo mdlali kwiSekhukhune United.
IChiefs yaze yabeka okungaphezulu kokwakufunwa yiSekhukhune ngalo mdlali. Nokho, umdlali wagcina ekhethe ukuyojoyina i-Esperance yaseTunisia okuyila eseldlala khona manje.
Engxoxweni yakamuva emsakazweni iRadio2000, uMotaung Jr. uzwakalise ukuphatheka kabi.
Ube esechaza ukuthi iChiefs yakwenza konke okwakuanele okufaka nokubeka imali ethe xaxa kuneyayifunwa yiSekhukhune.
Uthi baba nezingxoxo ezimbalwa nomphathi weSekhukhune, uSimon Malatji.
IChiefs yafaka isicelo esibhalwe phansi yabe isinikwa imvume yokukhuluma noMokwana.
Lo mdlali wavumelana naMakhosi ngemibandela nemihlomulo yakhe, kodwa izinto zajika esikhaleni.
“Saze sanikezwa imvume yokukhuluma nomdlali ukuze sithole izidingo zakhe.
“Nomdlali ubesevumelene nathi ngakudingayo kithi,” kuchaza uMotaung.
“Angifuni ukungena emininingwaneni yokuthi i-Esperance yakhiphani…
“Kodwa siyazi ukuthi esasikubeke etafuleni kwakukudlula lokho okwakubekwa yi-Esperance ngaleso sikhathi.”
Naphezu kwemizamo yabo, bagcina behlulekile wukuthola lo mdlali ogijima ophikweni lwesikudla.
UMotaung Jr. ubonge iSekhukhune ngokuzinikela ezingxoxweni nokuthuthukisa uMokwana, yamenza umdlali ovelele.
Uvumile ukuthi iqembu linalo lonke ilungelo lokumdayisa kwenye yamaligi aphezulu e-Afrika.
Uthe iKaizer Chiefs isakhona emakethe njengoba isacinga abadlali abathile esabona ukuthi iyabadinga.
Ngaphezu kwalokho, kulindeleke nokuthi idedele abanye babadlai okuthiwa umqeqeshi uNasreddine Nabi useshilo ukuthi akabadingi.
IChiefs izoqala imidlalo yayo yeBetway Premiership ngoMgqibelo uma seyibhekene neMarumo Gallants eBloemfontein.
