
OweRichards Bay uthi ‘kophela izinhlamvu bedubulana’ nePirates
Ibhalwe ngu-Alfred Ngubane
Umqeqeshi weRichards Bay FC, uRonnie Gabriel, uthi abalandeli kufanele balindele impi eshubile uma iqembu lakhe selihlangana ne-Orlando Pirates kwiCarling Knockout.
Lamaqembu azokhiphana inkani emdlalweni obhekwe ngabomvu ozoba seMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
UGabriel uyavuma ukuthi i-Orlando Pirates ebophele abadlali abasebancane idlala ibhola elisezingeni eliphezulu cishe kunawo wonke amanye kwiPSL njengamanje.
Kodwa ugcizelela ukuthi abadlali bakhe nabo sebekulungele ukukhombisa ukuthi bengamelana nabo – futhi bahlose ukudala ukuphoxa.
“Abadlali bethu bayalingana nabadlali bePirates, ngakho-ke kuzoyodutshulwana kuphele izinhlambu — ezinye zizofekela, ezinye zizogeja,” kusho uGabriel ngokuzethemba.
Ukholwa nokuthi iphini lakhe, uPapi “Ginger” Zothwane, uletha ukuqonda okubalulekile ngalo mqhudelwano.
UZothwane ubeyingxenye yethimba labaqeqeshi leMagesi FC elinqobe le ndebe kungazelele muntu ngesizini edlule.
UGabriel uthi usebenzisa isithembiso semihlomulo ehambisana nokunqoba indebe ukukhuthaza nokufaka ugqozi eqenjini lakhe ngaphambi kwalo mdlalo.
“Sigxile kakhulu kwesizokuzuza uma kwenzeka sinqoba le ndebe,” kuchaza lo mqeqeshi.
FUNDA NALA | UCardoso ubhodla ngokuhlazeka kowePirates
Ukuhlasela kweRichards Bay kuzophinde kuthembele kuGabadinho Mhango noKnox Mutizwa abagadli abanamava futhi abebesefomini enhle.
UTlakusani Mthethwa noThabani Zuke bona kulindeleke ukuthi baqinisekise uzinzo nokulawula maphakathi nenkundla njengoba beyizinsika zeqembu kule sizini.
“UMhango noMutizwa bavutha bhe muva nje. Amagoli abo yiwo enza solokhu senza kahle kwiligi nasendebeni, kwengeza uGabriel.
🔥 Richards Bay vs Orlando Pirates
📍 Moses Mabhida Stadium
📅 NgoMgqibelo – Carling Black Label Knockout Cup
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
