
OwePSL nokwenza iMoses Mabhida ingqwele kweyamanqamu
ITheku seliphinde laqinisekiswa njengelinye lamadolobha ahamba phambili ekusingatheni imicimbi emikhulu njengoba i-Moses Mabhida Stadium ilungiselela umdlalo omkhulu wePSL.
Isikhulu esiphezulu kwiPSL, uMato Madlala, usencome kakhulu indlela iTheku elisingatha ngayo imidlalo esezingeni eliphezulu.
Ugcizelele ukuthi leli dolobha linikeza konke abakudingayo uma lisingatha imicimbi emikhulu.
IMoses Mabhida izosingatha owamanqamu weMTN8 ihlandla lika-11 emidlalweni engu-19 yalo mqhudelwano.
I-Orlando Pirates izobe ingosokhaya ibhekene neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo ngo-6 ebusuku.
UMadlala uthi enye yezinto ezenza iTheku lithembeke yindlela amaphoyisa eSAPS neDurban Metro Police asebenza ngayo.
“Akukho esikucela eThekwini abangasiniki kona. Kusukela kwezokuphepha, iSAPS, iMetro, konke bayakwazi ukusinika,” kusho uMadlala kuKhozi FM.
Ukhumbuze nangowamanqamu weNedbank Cup wangonyaka odlule phakathi kweKaizer Chiefs nePirates, owawuseThekwini.
“Umdlalo waqala ngesikhathi futhi abantu base bephumile phakathi nemizuzu engu-30 ngemuva kwawo. Ungaphikisana kanjani nalokho?”
- FUNDA NALA | UTinkler uveza akuhlose neDurban City
UMadlala uthi yize lona bewulethe e-Moses Mabhida Stadium, kodwa i-PSL izoqhubeka nokuhambisa imidlalo yamanqamu ezifundeni ezahlukene.
Uthi lokhu bazokwenza ngenhloso yokuthi zonke izifundazwe zikwazi ukulungela imidlalo emikhulu.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
