Ezintsha

UTim Sukazi ubhuqe uMofokeng edayisa umdlali phesheya

UKabini udayiselwe iMolde FK kanti uSukazi uthi yena akawaqambi amanga ngokufunwa kwabadllai bakhe phesheya.

Indaba yokufunwa kukaKabini yileli qembu laseNorway iqale ukuvela ngesonto elidlule kanti kumanje usekhona kuleliya lizwe ukuyoqedela konke.

Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala, udayiswe ngemali okuthiwa ibalelwa ku-R15 million okungenkulu leli qembu eseliike layenza ngomdlali oyedwa.

UTim Sukazi uhambe naye waya e-Europe ukuyophothula amaphepha nokhlolwa kwakhe ngodokotela. 

Ekhuluma neSABC Sport, uzwakalise ukuziqhenya ngalokhu, wabe esebhuqa noRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates.

“UKabini usayine kwiMolde FK, ikilabhu enqobe izicoco zeligi kulandelana futhi edlala kwi-Uefa Champions League,” kusho uSukazi. 

“Imali esimdayise ngayo siyibize ngama-Euro (imali yase-Europe), futhi asikaze senze isivumelwano salolu hlobo ngaphambilini. Yirekhodi ekilabhini yethu leli.”

Ugcizelele ukuthi iTS Galaxy ihlose ukuthuthukisa abadlali abasezingeni eliphezulu abalungele ukuyodlala e-Europe. 

“Siguqula abafana abancane sibenze amadoda. Izinga lomdlali yilo okufanele linqume intengo yakhe, futhi ikhwalithi kaKabini iyakufakazela lokhu,” kwengeza yena.

UTim Sukazi uphinde wagqamisa ikhono le-Galaxy lokuthumela abadlali ngqo kumaligi aphezulu e-Europe ngaphandle kokuthi kuthiwe basayohlolwa amakhono. 

“Sithatha abadlali sibase ngqo e-Europe. Ngeke uzwe amahlebezi avela kithi. Uma kuneqembu elifuna umdlali kithi, lisuke limfuna nje,” kusho yena.

Ugxeke imibiko edukisayo ngabadlali baseNingizimu Afrika, wenza isibonelo ngoMofokeng wePirates. 

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mdlali uke wayohlolwa yiqembu lase-England, waphinde wamataniswa neBarcelona.

“Bekunezindaba ezimayelana neBarcelona, kodwa uke wezwa nje iphawula yona? 

“Le mibiko engamanga ifaka ingcindezi engadingekile kubadlali,” kusho lesi sikhulu.

Sithe umqeqeshi weTS Galaxy u-Adnan Beganovic unikezwe umsebenzi wokulungiselela abadlali ukuthi balungele ibhola lase-Europe neBafana Bafana. 

“Enye yezinto esizibekele zona wukukhiqiza abadlali bezinga leqembu lesizwe,” kuqhuba uSukazi.

Njengoba le kilabhu ingenabaxhasi ngemuva kwamasizini amahlanu ikwiBetway Premiership, uTim Sukazi ukuqinisekisile ukuthi imali yokudayiswa kwabadlali izosiza ekusimamiseni ikilabhu.

“Le mali ingena ngqo emsebenzini wokukhulisa iqembu,” kuchaza yena.