Ezintsha

Kuvela isifiso seSekhukhune ngo-Otladisa embolekwe iBucs

Lo mdlali odle ngomjiko nejubane uhlabe umxhwele selokhu ejoyine iSekhukhne ngokubolekiswa yi-Orlando Pirates ngoJanuwari.

U-Otladisa ubelizwa ngendaba ijezi kwiPirates, futhi akazange adlale nowodwa umdlalo weBetway Premiership esiwombeni sokuqala sesizini. 

Nokho kwiSekhukhune usedlale imidlalo eyisishiyagalolunye futhi washaya negoli elilodwa. 

Ukwenza kahle kwakhe sekwenze leli qembu laba nomuzwa wokuthi kungaba ngcono asale esehlala kulo unomphela.

Umbiko wePhakaaathi ucaphune umthombo osondelene nalo mdlali uqinisekisa intshisekelo yeSekhukhune ngaye. 

“Umfana wenzea kahle kwiSekhukhune. Kumanje abaphathi bacubungula isivumelwano sokuthi asale esehlala unomphela kuyo. 

“Uma befinyelela esivumelwaneni nePirates, uzohlala,” kusho lo mthombo.

U-Otladisa, oneminyaka engu-28 ubudala, ubenezinye izeseheli ngaphambi kokujoyina iBabina Noko. 

Iqembu lakhe lakudala, iMarumo Gallants nalo belizimisele ngokumsayinisa, kodwa wakhetha iSekhukhune. 

Lesi sinyathelo sesivuselele ibhola lakhe. Ngaphambi kokujoyina iPirates, u-Otladisa udlale kwiPlatinum Stars, iMamelodi Sundowns, neMarumo Gallants. 

Isikhathi sakhe kwiSundowns saba nzima, njengoba ubenenkinga yokulimala okwaholela ekutheni angasitholi isikhathi sokuzibonakalisa kahle. 

Kodwa-ke, uphinde wathola ifomu yakhe esekwiGallants, lapho aba ngumdlali obalulekile futhi waheha iPirates.

Nokho kwiPirates izinto azihambanga ngendlela abengayilindela njengoba egcine esebolekiswa kwiSekhukhune nje.

Ukungabi naso isikhathi somdlalo kuholele ekutheni abolekiswe ngoJanuwari. Manje, njengoba ikusasa lakhe lingaqinisekisiwe nje, iSekhukhune ibukeka ingaba yindawo enhle kuye. 

Leli qembu liyalazisa ijubane nekhono lakhe lomjiko elimenza ingozi uma kuhlaselwa, futhi uma kufinyelelwa esivumelwaneni, u-Otladisa angaba nesiqalo esisha ngesizini ezayo.

Njengoba sekusondele iwindi elilandelayo lokudayiselana ngabadlali, iPirates neSekhukhune kuzomele banqume ngekusasa lakhe maduze. 

Kodwa okwamanje, u-Otladisa kuthiwa ugxile ekuqedeni isizini ngezinga eliphezulu.