
UTinkler usebeke obala afuna ukukuzuza kwiDurban City
U-Eric Tinkler usekubeke kwacaca ukuthi ufuna ukuyisa kuphi i-Durban City ngemuva kokuqokwa njengomqeqeshi omusha waleli qembu.
UTinkler, osanda kushiya kwi-Asante Kotoko yaseGhana, ubuyela ebholeni laseNingizimu Afrika ezothatha indawo kaKhalil Ben Youssef.
Lo mqeqeshi, owake waqeqesha i-Orlando Pirates, iCape Town City neSekhukhune United, uthi ngeke enze izinguquko ezinkulu.
Kunalokho ufuna kwakhela kwimpumelelo ezuzwe yileli qembu ngesizini edlule.
“Angifuni ukwenza izinguquko ezinkulu ngoba ngesizini edlule ikilabhu yaphumelela.
“Okubalulekile ukunikeza abanye abadlali ithuba nokubuyela ekunqobeni,” kusho uTinkler.
U-Eric Tinkler uveze nezinhloso zakhe ngokucacile. Ufuna i-Durban City iqede kwiTop 8, ihambe ibanga elide kwiCaf Confederation Cup.
Ufuna nokuthi ilwele indebe yeCarling Knockout Cup bese ivikela iNedbank Cup eyinqobe ngesizini edlule.
“Kuningi okusamele sikulwele,” kusho lo mqeqeshi onamava ebholeni lakuleli.
- FUNDA NALA | UMokwena uveza okwenza akhombe uMbule kwPirates
UTinkler uqala umsebenzi ngesikhathi esibucayi njengoba iDurban City isilungiselela ukubuyela emidlalweni ngemuva kwekhefu leFifa.
Ufice iCity isendaweni yeshumi ngemiva kwemidlalo eyisikhombisa. Umdlalo wakhe wokuqala uzobhekana naMaZulu FC ngoLwesibili.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
