
Ingqapheli ‘incoma’ uMiddendorp ngokubulala iChiefs neSpurs
UZipho Dlangalala, oyingqapheli eqavile yebhola laseNingizimu Afrika, usegxeke kakhulu u-Ernst Middendorp, emsola ngokubulala inqwaba yamaqembu okukhona kuwo neKaizer Chiefs.
Lokhu kulandela ukudliwa yizembe kweCape Town Spurs kwiMotsepe Foundation Championship ngaphansi kwesandla salo mqeqeshi odabuka eGermany.
Isiphetho seSpurs sinqunywe ngesikhathi ihlulwa ngo 1-0 yiDurban City emdlalweni wayo wokugcina weligi ngeSonto e-Athlone Stadium.
Manje uDlangalala ukholwa ukuthi u-Ernst Middendorp akakaze abe nomthelela omuhle ebholeni lakuleli kusukela afika eminyakeni engu-20 edlule.
Empeleni usola u-Ernst Middendorp ngokuqala izinkinga iKaizer Chiefs ebhekene nazo kuze kube nanamuhla.
Uthi leli qembu laseNaturena lalahlekelwa yindlela yalo yokudlala yebhola elikhangayo nesiko lalo mhla liqasha uMiddendorp.
“U-Ernst Middendorp usephinde ‘waphumelela’ futhi ukwenza lokho abaningi abayogcina ‘ngokukuphupha’,” kusho uDlangalala kwiLisenethini.
“Wehlise iCape Town Spurs isuka kwiPremier Division (ngoMeyi odlule) futhi manje – ezinyangeni ezingu-12 ukusuka lapho – isuka kwiNational First Division, kumasizini amabili elandelana.
“Lena yiyonanto ‘ephawulekayo’ ngalo mqeqeshi owafika lapha okokuqala eminyakeni engu-20 edlule ezoqeqesha, uqagele kahle, iKaizer Chiefs.
“Wehlisa iChiefs ayifica iyiGlamour Boys wayishiya iyiqembu elingenawo umphefumulo, isiko, isitayela, nomsoco kuze kube namuhla.
“Lapha ngikhuluma ngomuntu ongaguquki futhi ozimisele kwakwenzayo,” kwengeza lo mqeqeshi oke wasebenza kwi-Orlando Pirates.
UDlangalala wengeze ngokuthi uMiddendorp akagcinanga ngokubulala iSpurs neChiefs, kodwa wonke amaqembu ake wawaqeqesha asale eyinhlakanhlaka ngemuva kwakhe.
“Uke waqeqesha, phakathi kwabanye iBloemfontein Celtic, iFree State Stars, iMaritzburg United, neSwallows FC.
“Ngaphandle kwegama elithi Middendorp, wonke lamaqembu anokuthile okufanayo kuwo.”
UDlangalala – oseqeqeshe inqwaba yamakilabhu ebholeni lakuleli – uthi uthemba ukuthi iSpurs yilona qembu lokugcina ukulinyazwa yilo mqeqeshi waseGermany.
“Kungenzeka yini ukuthi lokhu kube ukuphela kwalo ‘Chwepheshe weZembe’ ebholeni laseNingizimu Afrika?
“Asazi, yisikhathi kuphela esizosho. Sihlale sizwa kuthiwa ikati linezimpilo eziyisishiyagalolunye. Mhlawumbe yena uneziningi ezisasele kuye…
“Useqokwe amahlandla angu-12 emaqenjini ehlukeene ebholeni elikhokhelayo laseNingizimu Afrika kusukela aqala ukufika ngoJulayi ka-2005.”
