
OweLioli ucacisa eyokweya iPirates okumqathe nolaka lwayo
Umqeqeshi weLioli FC yaseLesotho uqhathe iqembu lakhe nolaka lwe-Orlando Pirates egcine ibukisa ngaye – imbhaxabula ngo 4-0 ngempelasonto.
Kugcine kuba ngu 7-0 uma sekuhlanganiswe imiphumela yayo yomibili imilenze yomdlalo wesigaba sokuqala kweyokuhlunga kwiCaf Champions League.
Ngaphambi kwalo mdlalo, umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou uveze ukuthi ufuna abadlali bakhe bayivove inkani iLioli.
Uthe lokhu ufuna bakwenze ukuze bazivele ukuthi bayiqembu eliqinile, akuthukanga ucilo ezishayisa emlenzeni wokuqala abawunqoba ngo 3-0.
Kuvele ukuthi ubekhuluma kanjena nje wayecikwe yinkulumo kaBongani Maseko ocija iLioli FC, owathi iPirates ayilona iqembu elingcono kakhulu kunelakhe.
UMaseko ubuzwe ukuthi uzizwa kanjani njengoba bekuthi njalo uma iPirates ishaya igoli, bese ibhentshi layo limbuke sakumkolodela.
Ube esekuchitha ukuthi yena uke weya iPirates, wathi uyayihlonipha futhi uyayivuma ukuthi iyayidedela induku.
“Uyazi, angazi ivelaphi leyo. Ngibheke konke la bengikhuluma khona – ngisho nangemuva komdlalo odlule.
“Engakusho wukuthi iPirates inomqeqeshi omuhle, neqembu eliqine kahle. Namanje ngisakusho lokho ngoba kuyiqiniso.”
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Ube esesabisa i-Orlando Pirates ngokuthi basayophinde baqondane ngelinye ilanga, bese naye eyivezela ubuyena neqembu lakhe.
“Angazi ukuthi wakwenzelani lokho. Kodwa ke ngingumqeqeshi osemncane, ngifuna ukukusho lokhu.
“Sisazobuya, siyophinde sihlangane sengineqembu elingcono. Liyoba linye ilanga. Nginalelo themba lokuthi ngelinye ilanga sohlangana sengineqembu elingcono.
FUNDA NALA | Ubuhlathi beSafa buyihlinzele ezibini iBafana
“Sobe sesibona laphoke… Angifuni ukuqhuba leyo nkulumo. Kodwa ngisamile ekutheni ungumqeqeshi omuhle, unabadlali abahle, yingakho besishaye kanje.”
