EzintshaMamelodi Sundowns

UCardoso ucacisa eyekusasa likaLorch kwiSundowns

Kunemizubo eminingi ngesimo salo mdlali wasesiswini ohlaselayo kuleli qembu laseTshwane.

ULorch, owayeyintandokazi yabalandeli kwi-Orlando Pirates futhi engumdlali obalulekile kwiBafana Bafana, uzithola esesimweni esingacacile eChloorkop. 

Yize enenkontileka neSundowns, lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala okwamanje uziqeqeshwa yedwa futhi akabaliwe ezinhlelweni zikaCardoso zesizini ka-2025/26.

Lo mqeqeshi wasePortugal uqinisekisile ukuthi udaba lukaLorch lusingathwa ngaphakathi eqenjini futhi lusezandleni zabo kumanje. 

Ubebuzwe ngesimo sikaLorch ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokubhubhudla iRichards Bay ngo 4-0 emdlalweni weMTN8 ngeSonto ebusuku. 

“Isimo sikaLorch sisukela esikhathini esidlule futhi indaba yakhe isingethwe futhi izoxazululwa yikilabhu,” kusho uCardoso.

“Ngokuhamba kwesikhathi, nizothola ulwazi olusesidlangalaleni — kodwa ngokookuma kwezinto njengamanje, akekho lapha eqenjini, lokho ngingakuqinisekisa.”

ULorch uchithe isizini edlule ebolekiswe eqenjini elikhulu laseMorocco iWydad Athletic Club, lapho ehlabe khona umxhwele emidlalweni yasekhaya neyezwekazi — ikakhulukazi ngesikhathi seFifa Club World Cup.

I-Wydad ibifisa ukumsayina unomphela, kodwa intengo ephakeme okuthiwa ibekwe yiSundowns iyona eqede lezo zingxoxo.

Manje, njengoba iWydad isihoxile, ukuqagela mayelana nokuthi uLorch uzoyaphi kuyaqhubeka. 

Imibiko ikhomba ukuthi amaqembu asenyakatho ye-Afrika nase-Asia abheke asiqaphile isimo sakhe, njengoba lo mdlali ohlaselayo engomonye wabanekhono elihle elihambisana namava.

Yize engekho ezinhlelweni kwiSundowns okwamanje, uLorch usengumdlalo obalulekile — futhi noma yiliphi iqembu azophelela kulo kobe lihlabene. 

Kodwa-ke, ikusasa lakhe lesikhathi eside kungenzeka lincike ekutheni noma yimaphi amaqembu anentshisekelo ayakwazi yini ukuhlangabezana nemali efunwa yiSundowns ngaye.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO