EzintshaOrlando Pirates

UMohafe ubalisa ngo-Appollis omshaye ngenduku ayifunda kuye

Uthi akalahlekelwanga umdlali nje, kodwa ukuhamba kwakhe kushiye umgodi omkhulu eqenjini lakhe angazi uzowuvala kanjani.

Lo mdlali wasophikweni oneminyaka engu-23 ubudala udlale okokuqala kwiPirates bebhekene neqembu lakhe lakudala. 

Futhi nguye owenze wonke umonakalo – eshaya igoli lokuqala waphinde watholela iPirates iphenathi edale igoli lesibili ngesikhathi benqoba ngo-2-0 kwiMTN8. 

“Kuhlala kunzima ukulahlekelwa yilungu lomndeni — futhi mina ngilahlekelwe elibalulekile,” kusho uMohafe ngemuva komdlalo. 

“Uye eqenjini elikhulu. Engingakwenza nje ukumfisela okuhle. Kodwa yebo, ngisanenxeba ngokuhamba kwakhe.”

U-Appollis ubengumdlali obalulekile kwiPolokwane City kumasizini amabili edlule, futhi ubefunwa ngapha nangapha.

Ukukhombisa ukubaluleka kwakhe, le kilabhu yenqaba ukumdayisa ngaphambi kwesizini edlule yize amanqe ayeqhamuka ndawo zonke emfuna la. 

Nokho igcine ivumile ukumdedelela iPirates kanti uMohafe uthi ngeke kube lula ukuthola ozovala isikhala salesi sihlabani seBafana Bafana eqenjini lakhe.

“Ushiye umgodi omkhulu kakhulu. Ukuthola ozongena endaweni yakhe kuzothatha isikhathi. 

“U-Appollis engimbone namuhla ungumdlali ohlukile — obukhali kakhulu, usevuthiwe impela.”

Noma kunjalo, lo mqeqeshi umjabulele ngokukhula kwakhe futhi uthi eminye yeminyakazo yakhe uyifunde kubo.

Kuyo kukhona nalo abadle ngawo eshaya igoli lokuqala – uMohafe uthi umshaye ngezinduku zakhe.

“Lowa mnyakazo awenzile ukuze ashaye igoli — yinto esamfundisa yona lapha. IPirates yengeze umfutho nje. 

“Usibambe ngezinduku zethu namuhla, kodwa ngiyaziqhenya ngaye. Uyaqhubeka nokuthuthuka.”

Ukuqala kuka-Appollis ngendlela ejabulisayo ngaphansi komqeqeshi omusha wePirates u-Abdeslam Ouaddou kwenze iPolokwane yabona ukuthi ilahlekelwe kangakanani.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO