
OweKaizer Chiefs uphawula ngezinkulumo zesicoco kule sizini
Ngu-Alfred NGUBANE
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef, wenze isitatimende esishiye abalandeli behlukene phakathi – iningi lishaqekile.
UYoussef uthe ngeke athembise abalandeli ukuthi leli qembu lizolwela isicoco seBetway Premiership kule sizini.
Nokho ukugcizelele ukuthi bona abakulwelayo wukuthi baqede endaweni ehloniphekile futhi babe ngaphakathi kwamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu.
IKaizer Chiefs isiqede ngaphandle kweTop 8 amasizini amabili elandelana, kusukela ngo-2023/24 nango-2024/25.
“Akumele sizifake ingcindezi enkulu ngoba nakhu manje senza kahle kwiPSL,” kusho uYoussef.
“Abantu sebeqala ukuxoxa ngendebe nakho konke okunye okunjalo. Kodwa thina asizange sithembise ndebe.
“Kuyiqiniso ukuthi siyiqembu elikhulu, futhi njalo uma sidlala sidlalela izindebe.
“Kodwa kufanele sibe neqiniso futhi sibe sihleke ngendlela esicabanga ngayo.
“Njengoba ngishilo ngemiqhudelwano yeCaf, ngeke sikwazi ukuphuma isikhashana emqhudelwaneni sibuye sesicabanga ukuwunqoba.
“Ngesizini edlule, siqede kunombolo-9, ngakho kule sizini, kufanele sizame ukuqeda kwabane abaphezulu.
“Uma sinethuba lokuwina indebe, sizoyilwela. Kodwa kufanele siqale ukwakha isinyathelo ngesinyathelo.”
Njengamanje iKaizer Chiefs ihlezi endaweni yesihlanu kwilogi yeBetway Premiership ngamaphuzu angu-23 emidlalweni engu-12.
Kule mpelasonto, izodlala umdlalo obalulekile neTS Galaxy eMbombela Stadium – ukunqoba kungayenza ikhuphukele endaweni yesithathu.
IKaizer Chiefs kumele iwunqobe lo mdlalo ukuze ingasali kakhulu emaqenjini azihola phambili emjahweni walesi sicoco.
FUNDA NALA | Bakhihla esikaNandi abeleChan ngeSafa ebabambise udonga
Umjaho wamanje wesicoco seligi uphakathi kweSundowns, engompetha abavikela isicoco esinqobe ngesizini edlule, nePirates.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
